Kulimale iziboshwa kuginqika iveni yamaphoyisa
Image: ALS PARAMEDICS
Kulimale iziboshwa eziyisikhombisa ngesikhathi iveni yamaphoyisa ithola ingozi ngaseRichmond. Iziboshwa bezisuka eMgungundlovu zilubangise eKokstad.
Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS Paramedic baphendule izingcingo eziningi kudingeka usizo ku-R56 ngasejikeni lase-Eston phakathi kweRichmond neXobho ngemva nje kuka-10 ekuseni.
Iziboshwa bezisuka eMgungundlovu zilubangise eKokstad.
Kuthiwa ingozi yenzeke ngesikhathi iveni ishayisa izinsimbi eziseceleni komgwaqo maqede yaginqika
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yengozi bathola ukuthi imoto yamaphoyisa ebithwele iziboshwa isesikhotheni. Kusolwa ukuthi umshayeli uhlulekile ukuyilawula yagingqika yalala ngokhakhayi.
Abagibeli abayisikhombisa bathole imihuzuko eyahlukene base bezinzile endaweni yesigameko ngabe-ALS Paramedics kanye nezinye izinsiza zama-ambulensi ngaphambi kokuba zonke iziboshwa ziphuthunyiswe esibhedlela esiseduze.
Amaphoyisa awazange alimale.
Amaphoyisa ngeso lokhozi indawo yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthe iziboshwa namaphoyisa balimele kule ngozi.
"Kuginqike iveni beliphelezelwa izimoto ezine zamaphoyisa, ngakhoke indawo yesigameko ivikelekile ukuqinisekisa ukuthi iziboshwa azeqi,” kusho uNetshiunda.