INTATHELI YESOLEZWE NGOMGQIBELO
KULIMALE abantu ababalelwa ku-13 namhlanje emini, ngenkathi kusha kuqhuma amalangabi enxanxatheleni yezitolo iChina Emporium, esenkabeni yedolobha laseThekwini, ekhoneni likaBrook Street no-Anton Lembede Street (Smith Street)
Kulesi sehlakalo kulimale kakhulu abomdabu waseChina, kepha baphume inyama isahlangene nomphefumulo. Abezimo eziphuthumayo basebenze ngokuzikhandla, bezama ukucisha umlilo kanti kuphazamiseke ukuhamba kwabantu nezimoto kuleli dolobha.
UMnuz Garrith Jamieson we-ALS Paramedics, uthi kunabantu ababili abashe kanzima kwathi omunye walimala ngesikhathi egxumela phansi.
Amaphoyisa kaMasipala nabacishi bomlilo, basebenzise iladi ukuze bathole intuba ebhilidini bakwazi ukutakula abebevaleleke ngaphakathi.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, uMnuz Kyle van Reenen we-Emer-G-Med uthe basheshe baphuthuma endaweni yesehlakalo kusaphele imizuzu elishumi maqede baphuthumisa abalimele ezibhedlela eziseduzane. "Imbangela yomlilo ayikaziwa, amaphoyisa asazophenya," kuphawula uVan Reenen.