BAPHUTHUNYISWE ezibhedlela eziseduzane abantu abawu-22, okubalwa kubo nabafundi abaneminyaka engu-10 kuya ku-13, abalimale engozini yetekisi neveni namhlanje ekuseni eLions River, eduzane naseHowick, KwaZulu-Natal.
Abezimo eziphuthumayo namaphoyisa bafike endaweni yesigameko ngo-8 ekuseni namhlanje, emgwaqeni uR103. Befika endawni yesigameko kucacile ukuthi lezi zimoto zinqgubuzane ngaphambili, kwazise beziphakathi nomgwaqo zombili.
Itekisi belihambisa abafundi okubikwa ukuthi baneminyaka eqala kwengu-10 kuya ku-13, abebeya esikoleni. Iveni belithwele abantu abadala isibalo sabo esingakaqinisekiswa.
Abezimo eziphuthumayo bahlaziye isimo sabalimele, baqala ukulashelwa endaweni yesigameko. Kubikwa ukuthi akekho osesimeni esibucayi kwabalimele, kodwa abanye babalimele bayiswe ezibhedlela.
Amaphoyisa endawo ayaphenya ngale ngozi.