KUSHONE owesilisa oyedwa, kwalima abangu-17 okubalwa kubo nezingane kushayisana iveni neloli ngoMsombuluko ekuseni kuFrance Main Road eFrance ngaseMbali, eMgungundlovu.
Abezimo eziphuthumayo be-ER24 nabanye bafike endaweni yengozi ngo-8 ekuseni bafica iloli neveni phakathi nomgwaqo. Izingane ebezigibele iveni bezisabalele zigcwele umgwaqo zilimele.
Owesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka engu-40, utholwe eseshonile evaleleke ngaphakathi evenini.
Izingane ezilimalile zineminyaka ephakathi kuka-7 kuya ku-18. Abezimo eziphuthumayo bathe izingane zithole imihuzoko nje kuphela kodwa ziyiswe esibhedlela ukuyothola okunye ukunakekelwa.
[FRANCE LOCATION] – Truck and bakkie collide leaving one dead, seventeen injured, including children. https://t.co/HAzJ3kpMxV @ewnupdates @eNCA @jour_maine @ECR_Newswatch @SABCNewsOnline @_ArriveAlive @FatalMoves @IOL @News24_SA pic.twitter.com/fPybMu0ZYc
— ER24 EMS (Pty) Ltd. (@ER24EMS) April 15, 2019
Imininingwane ngokudale ingozi ayikaziwa kodwa amaphoyisa abesendaweni yesigameko ephenya.