UPHUTHUNYISWE esibhedlela ngendiza enophephela emhlane owesifazane obengumgibeli ongomunye wabalimele ngesikhathi itekisi abebeyigibele iphuma emgwaqweni engozini eyenzeke ku-R102 phakathi kweVerulam ne-Ottawa izolo ekuseni.
Kule ngozi kulimale abangu-11 abebekuleli tekisi okubalwa nomshayeli.
Okhulumela inkampani yonogada i-Reaction Unit of South Africa (RUSA) uMnuz Pram Balram, uthe le tekisi kusolaka ukuthi ifelwe ushafu okuholele ekutheni umshayeli ahluleke ukuyilawula.
“Lolu phiko lonogada luthole izingcingo ekuseni ebezivela kwabezimoto ebezisebenzisa lo mzila, becele ukuthi kusizwe abalimele. Ngesikhathi befika endaweni yesigameko, bafice abezimo eziphuthumayo abebezama ukusiza abalimele kubalwa nomshayeli wetekisi,” kusho uBalram.
Uthe abalimele balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi baphuthunyiswe esibhedlela.