KULIMALE abagibeli kugingqika itekisi emgwaqweni uR102 eduze kwesikhumulo samabhanoyi, iKing Shaka International Airport, izolo ekuseni.
Kuthiwa itekisi, iToyota Hi-Ace iqhunyelwe yisondo maqede yagingqika emgwaqweni, iphaphalazele onqenqemeni lomgwaqo. Kubikwa ukuthi ificwe ngonogada beReaction Unit South Africa ( RUSA) abebematasa behlola isimo kule ndawo.
UMnuz Prem Balram okhulumela iRUSA, uthe ithimba labo lifike endaweni yesigameko belele phansi abagibeli abalimale engozini.
“ Ithimba lethu ebelidlula eduze kwendawo yesigameko limise imoto ebelihamba ngayo lalekelela abagibeli elibafice belimele kuR102 ngaphambi kokuthi libaphuthumise esibhedlela. Ingozi idalwe wukuqhuma kwesondo nokuholele ekutheni kugcine sekugingqika itekisi ebelinabagibeli,” kusho uBalram.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa esiteshi saseVerulam ayile endaweni yesigameko.