BASINDE ngokulambisa ababili ngenkathi indizamshini ithanqazeka phansi izolo ntambama eWindsor, eceleni komfula iVaal oseVanderbijlpark, eGauteng.
Kuthiwa indiza ibiyehlela phansi ngenkathi ishayisa izintambo zikagesi nokusolakala ukuthi yikhona okudale inhlekelele. Okhulumela iNetcare 911, uMnuz Shawn Herbst uthe: “Owesilisa nowesifazane abaneminyaka eko-40, kumbulwa kwembeswa kubo emuva kokuthi bethanqazeke phansi nendizamshini.”
Uqhube wathi ngenkathi befika endaweni yesigameko, indiza ibihlafake yaphela kodwa bakwazile ukuthi baphuthumise abalimele esibhedlela.
“Obeshayela indiza obekungowesilisa, kudingeke ukuba aphuthunyiswe kongoti bezempilo, ngendiza yakwaNetcare enophephela emhlane, kanti owesifazane uxilongiwe wase ephuthunyiswa esibhedlela ebesiseduze,” kusho uMnuz Herbst.
Uthe akukaziwa kahle ukuthi laba ababili bebevelaphi ngenkathi behlekelwa yilo mshophi.