KULAMULE ukungenelela kobuholi bazwelonke ngomzuzu wokugcina emcimbini obungoLwesihlanu wokugcotshwa kwemeya namakhansela i- ANC izama ukuketula i- IFP ekuholeni umkhandlu waseJozini.
Kulo mcimbi obusehholo KwaMachibi, eJozini nokugcine kuqokwe kuwo uMnuz Fananaye Mathe kube nomdonsiswano omkhulu obudalwa ukungaboni ngasolinye kwalamaqembu abefuna ukudlana izithende.
UMathe ubephakanyiswe noSbonelo Mathenjwa oyikhansela elizimele ngokusho komthombo wangaphakathi.
"Ngenkathi kuqhubeka umcimbi i- ANC iphazamise ukuqokwa kwamalungu esigungu esizolawula umkhandlu ifuna ukunikwa ithuba lokushaya inguyazana emnyango isikhathi eziningana. Nokuthe ekugcineni yabuya isishaya ingwijikhwebu isihoxisa igama laMathenjwa obekuphalanyiswe igama lakhe," kusho umthombo.
Uqhuba uthe, leli qembu lithathe lesi sinqumo ngemuva ngokusatshiswa wucingo obeluvela komkhulu lilinika umyalelo wokuthi kufakwe igama likaNkk Sibongile Gumede bese kuhoxiswa elikaMathenjwa obesekwa amakhansela e-AIC, ANC, EFF kanye namakhansela ayisikhombisa abecathile e- IFP.
Lokhu kuholele ekutheni isinde i- IFP ebilengelwa yizembe.
Iqembu le-IFP kubikwa ukuthi belisabisa nangokuthi lizowuthatha umkhandlu weTheku uma i- ANC iqhubeka nezinhlelo zokuthatha uMasipala waseJozini
USomlomo walomkhandlu omusha uMnuz Delani Mabika obeyimeya ye- IFP.
Isekelameya uNksz Ncamisile Zulu obevele ekulesi sikhundla.