USHAQEKILE umphakathi waseMariannhill, ngasePinetown, okulahlwe endaweni yawo inqwaba yezikhwama okufakwa kuzo izidumbu ngasesiteshini sesitimela.
Kuthiwa kulahlwe nama-gloves nezimpahla ezigqokwa ngabasemakhazeni ngeSonto ebusuku. Lezi zimpahla zinaneminingwane yabangasekho.
Kusolwa ukuthi kuneveni efike yathulula lezi zimpahla kule ndawo osekwenze umphakathi watwetwa. Bekusekhona ngoLwesibili ekuseni obekulahliwe.
Ikhansela lale ndawo eku-ward 17 kuMasipala weTheku, uMnuz Sibusiso Khwela, lithe isenzo sibeka umphakathi engcupheni yokugula ngoba awazi abashonile babulawe yini.
UKhwela uthe ubikelwe ngamalungu omphakathi abekhathazekile ngakubone endaweni yawo.
“Ngibe sengithinta abasemtholampilo eMzamo kwacaca ukuthi le nto ingaphezu kwamandla abo ngabe sengibikela amaphoyisa. Lezi zikhwanyana zinane mininingwane yabantu abashonile okuyinto ebucayi,” kusho uKhwela.
Ube esexwayisa abasuke benikwe umsebenzi wokuqoqa udoti ukuthi baqikelele ukuthi wenziwa ngendlela efanele futhi eyamukelekile ngoba okwenzeke eMariannhill akukuhle neze.
Umthombo weSolezwe okule ndawo uthe bekuqala ukuthululwa kukadoti walolu hlobo kule ndawo okuyisenzo esithuse kakhulu umphakathi.
“Umphakathi ushaqekile futhi sisazama ukuxhumana naboMnyango wezeMpilo ukuze ususwe. Sifuna lolu daba luthathelwe izinyathelo ezifanele. Maningi kakhulu ama-gloves amhlophe nezikhwama okufakwa kuzo izidumbu ezilahlwe kule ndawo,” kusho umthombo.
Udoti ubususaphazeke yonke indawo ngesikhathi lina izulu ngoMsombuluko nayizolo ekuseni.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe udothi wabonwa yizingane zidlala ngenyanga edlule. Lithe bayasaba manje ngoba lezi zinto kungenzeka zinezifo manje banovalo lokuthi izingane zizogcina zizithatha ziyodlala ngazo emakhaya zilethe izifo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela udaba uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ungaphawulanga futhi ungayiphendulanga i-email othunyelelwe yona.