UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal unxuse umphakathi ukuthi ugweme ukuyobona izihlobo ezishonelwe ngemuva kokuthola ukuthi zishonelwe ngoba lokho kungenye yezinto ezisabalalisa igciwane.
Uthe ukuyobona umndeni olahlekelwe yisihlobo ngaphambi kokuthi kufike usuku lomngcwabo wusiko olwenziwa ngabantu okungenye yezinto ezikhombisa ubuntu kodwa manje lowo mkhuba omuhle uphetha kabi.
"Ngiyazi ukuthi ukungayi kobona kungabukeka sengathi awunabo ubuntu kodwa siyawunxusa umphakathi ukuthi ungabe usaya. Kungcono ukuthi uye ngomngcwabo nakhona kuye abantu abangu-50 kuphela," kusho yena.
UNkk Simelane-Zulu usho lokhu ngesikhathi enomkhankaso wokuqwashisa ngeCovid-19 obuKwaMashu, izolo.
Uthe ukuhambela kuleli lokishi kuyingxenye yohlelo lomnyango lokuhambela izindawo ezinabantu abaningi abahaqwe yileli gciwane.
"ITheku linabantu abaningi abahaqwe yileli gciwane, lingenye yezindawo esizihambelayo sinxuse umphakathi ukuthi ulandele imigomo. Njengamanje ikhona ingcindezi kuleli dolobha ngoba linabantu abaningi. Zingu-20 izibhedlela ezikhona kuleli dolobha, ezinye zazo zisenayo imibhede kodwa izibhedlela ezizimele yizo esezigcwele. Ezinye zazo zifake izicelo zokuthi zibe nezakhiwo zezikhashana ezizosetshenziswa njengoba bebaningi abahaqwa yileli gciwane. Sikuvumile lokho uma kuhambisana nemigomo ebekiwe," kusho yena.
Uthe umkhankaso wakhe owokukhuluma nabantu besezindlini, akudingeki ukuthi abantu basondele ngoba lokho kungenza leli gciwane lisabalale.
“Inhloso yethu ukuthi abantu balalele ngendlebe bangezi kithina. Lokhu kwenzekile, siyethemba kuzowenza umehluko,” kusho yena.