ABAHOLI abaphezulu ebandleni laKwaShembe kuvela ukuthi sebekhuze umkhuba owenziwa amalungu aleli bandla bathi akayeke ukucula izingoma zobumnandi, eziphendulwa izihlabelelo.
Kuleli bandla kuvela ukuthi sekuwumkhuba ukuthi izingoma zikamaskandi, house, neminye iminxa ziculwe emathempelini.
Lokhu kulandela ukuthi emasontweni adlule kusabalale i-video, yelinye lamathempeli okuvela ukuthi iseMtubatuba, lapho bekubonakala amalungu ebandla ngaphakathi ethempelini ecula ingoma kaKhuzani ethi Ijele.
Kule video kubonakala elinye lamalungu liyiqala bese kuvunywa le ngoma ngaphakathi.
NgoMgqibelo kuvela ukuthi umfundisi Ntombela waseBuhleni ukhwele wadilika kumalungu aleli bandla, ewatshela ukuthi awawuyeke lo mkhuba.
Kwi-video Isolezwe elinayo, uNtombela uzwakala ethi, emathempelini oNyazi LweZulu, akuvumelekile ukuthi kuculwe noma iyiphi ingoma.
“Izihlabelelo ziyaveza ukuthi akuvumelekile ukuthi kuculwe ezinye izingoma. Kusha thinana njengoba niqhubeka nenza kanjena. Ayiyekwe le nto yokucula izingoma ezifana nalena kaKhuzani ethi Ijele, futhi akuyona kuphela le ngoma eseke yaculwa ziningi, ngakho ke awuyekwe lo mkhuba. Uma kukhona abaqhubekayo nawo abahambe baye ejele njengoba owethu umshado la ungelona ijele uyisibusiso,“ kuphetha uNtombela.
UMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela ibandla, uveze ukuthi kade babewukhuza lo mkhuba kuleli bandla.
“Ngesikhathi siwukhuza usaqala kwakungathi sizonda uNyazi kanti cha. Izingoma esinazo ezihlabelelweni zethu zingaphezu kuka-200 futhi kumele kugxilwe kuzona. Lo mkhuba waqalwa abagcotshwa, abefundisi nabanye abaholi. Lokhu nje sikufanisa nebhadi ngakho ke siyakukhuza ukuthi kungenzeki noma kuliphi ithempeli eGoli, eThekwini nakhona eMtubatuba awume lo mkhuba wokucula izingoma okungezona ezethu,” kuchaza uMncwabe.
Ethintwa uKhuzani uveze ukuthi uyabaxolisela bonke abenze lokhu.
“Ngiyilungu lebandla laKwaShembe, ngakho ngiyazi ukuthi uthando abantu abanalo ngami lukhulu, ngiyabonga futhi ngalokho. Kodwa uma kukhona umkhuba okhuzwayo ngiyacela bawuyeke,” kuchaza uKhuzani.