KUKHUZWA abantu esebephendule ihlaya inkulumo yeSilo uMisuZulu KaZwelithini Zulu osesabalele ezinkundleni zokuxhumana. Iningi labantu lilokhu libabaze njalo ukuthi uSilo sibanjwe amalimi sahlulwa ukufunda ngolimi lwesiZulu.
Babodwa asebekuphendule ihlaya baze baqopha nokusankulumo ephakathi kweSilo noDuduzani Zuma bebuyekeza le nkulumo ngesifanakalo. Yize iNkosi yakwaPhindangene iMangosuthu Buthelezi enconywa ngokuba seduze neSilo ngesikhathi sethula inkulumo kodwa kwehlukene imibono kubantu.
UMntwana waseNqulwini uBishop Thanda Zulu usebhale ekhasini lakhe kwiFacebook enxusa ukuthi abantu bakhombise inhlonipho futhi bakuqonde ukuthi iSilo besiqala ngqa ukwethula inkulumo ngaphansi kwezimo ezibucayo ezikhungethe isifundazwe neNingizimu Afrika.
"Nina bakaPhunga noMageba, nina bakaMdlokombane, ngiyacela nje ukuthi singazilulazi thina, futhi singalulazi noma singahloniphi iSilo sethu njengoZulu.
Uma kukhona okubonile okuyiphutha enkulumeni yeSilo namhlanje, Bekungokokuqala ethula inkulumo esizweni kulesisimo esibhekene naso. Isikhathi esiningi usichithe eSwatini naphesheya kwezilwandle, ngakho uzoya ngokugakujwayela, " kusho uZulu.
Eqhuba ukuvezile ukuthi nanoma ubani osuke eqala ukwethula inkulumo yakhe yokuqala uyasindeka futhi akuqali neSilo samanje. " NeSilo esikhotheme kwakungelula mhla sethula inkulumo yaso yokuqala. Nathi sonke akukaze kubelula mhla siqala ukukhuluma ebantwini," kusho uZulu.
Ephetha uthe iSilo singesabantu futhi kumele sivikelwe yibona.