KUDONSWE ngendlebe abazali ukuthi bakhuze izingane zabo, ikakhulukazi ezifunda isikole ukuthi zingawudlali umdlalo odumile wokukheqana.
Lo mdlalo obizwa nge-skull breaker/tripping jum challenge udume enkundleni yokuxhumana ekhonzwe yizingane iTikTok.
UMnuz Vee Gani, onguSihlalo weKwaZulu-Natal Parents Association, uthe kubethusile ukubona ama-video asabalele alo mdlalo oyingozi.
“Kuyathusa ukubona izingane ezintathu zidlala umdlalo wokukheqana. Kulo mdlalo izingane ezintathu zifike zigxume bese ezimbili zilinda ephakathi nendawo ukuthi ifike phansi. Uma isithi iyama zivele ziyikheqe kanyekanye bese iyawa. Yimbi le nto eyenzeka kulo mdlalo ngoba izingane zizophuka umgogodla, zilimale ekhanda noma zishone,” kusho uGani.
Ucele abazali ukuthi batshele izingane zabo ukuthi akuwona umdlalo lona kodwa wukwephula umthetho ngoba uma ingane isiphuke umgogodla ingakhubazeka noma ishone.
“Awukho umdlalo okufanele ukhubaze abantu, noma ubabulale. Abazali abatshele izingane ukuthi zingawudlali lo mdlalo ngoba uyingozi enkulu. Abawudlalayo kufanele baboshwe ngoba bazokheqa izingane ezingenawo amaselula noma ezingakayiboni i-video yalo mdlalo,” kusho uGani.
Ugqugquzele othisha ukuthi nabo bamemezele ngalo mdlalo emthandazwe, basho nokuthi izingane ezizokheqana zizothathelwa izinyathelo zomthetho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, UMnuz Muzi Mahlambi, uthe bakhuze bababaza, baze bathwale izandla ekhanda emuva kokubona lo mdlalo.
“Siyacela abafundi bangalokothi bawudlale ngoba uyingozi, bangafa nokufa. Lo mdlalo ufana ne-wrestling eyayidlalwa ezikoleni eyaholela ekushoneni komunye ezikoleni zaseChatsworth. Asiyidingi imidlalo efana nalena ezikoleni zethu nasemphakathini. Abafundi abagxile ezincwadini zabo,” kusho uMahlambi.