Izindaba

Kukhuthazwe abazali ukuba beseke abantwana babo

Nkosikhona Cele|Published

KUSUKELA kwesokunxele uSekela Meya, uNksz Kholeka Radebe, uNkk Mbali Frazer, umfundi owenze kahle uSkhosiphi Dlamini, uMeya uNkk Sindi Msomi, uSomlomo uMnuz Sifiso Phoswa noSihlalo weMPAC, eHarry Gwala uNkk Nomcebo Dladla ISITHOMBE : SITHUNYELWE

Nkosikhona Cele

IMEYA kuMasipala, i-Dr. Nkosazana Zuma, uNkk Sindi Msomi odume ngelikaMaJobe, ukhuthaze abazali ukuthi bangapheli amandla ekwesekeni abantwana babo abenza izifundo zika-matric.

Lokhu ukusho ngoLwesine emcimbini wokubungaza abafundi abangu-11 abaklonyeliswe ngokwenza kahle kunabo bonke ngaphansi kwalo masipala nobusehholo lomphakathi eBulwer.

UNkk Msomi uthe kuhle ukuthi kube nokubambisana phakathi kwabazali nothisha abagcina bedela imindeni yabo nezikhathi zabo zokuphumula ukuze abafundi bamatric benze kahle.

"Nakubona othisha kuba nokwehla komthwalo uma nabazali bezibandakanya besebenzisana ngokubambisana nabo. Uma umzali ezokweseka ingane ayifundise nenhlonipho nokuziphatha kubalula kothisha ukugxila ezifundweni,’’usho kanje.

Eqhuba uthe: “Le miphumela emihle kangaka ngaphansi kukamasipala wesiFunda iHarry Gwala nangaphansi kukamasipala wethu ikhombisa ukubambisana kuzona zonke izinhlaka ezikhona.," kusho yena.

Uthe nabo njengomasipala bayazama ukubamba iqhaza ngokweseka izikole nasekungeneleleni lapho okusuke kunezingqinamba khona.

Isikhulumi sosuku kube nguNkk Mbali Frazer onguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu Natal.

Umongo wenkulumo yakhe ubumayelana nokwenza kahle kwabafundi bakamatric eHarry Gwala.

Imiphumela yango-2023 kamatric eHarry Gwala isukile ku-82,5 % yanyukela ku-87,1%.

''Namhlanje bafundi sizobungaza nina ngokwenza kahle kwenu. Ngithanda nokudlulisa ukubonga okukhulu kumeya oye asukumele phezulu njalo uma kubikwa ngezinkinga ezikoleni zakule ndawo,''usho kanje.

Abafundi abane bahlomule ngemifundaze yanoma yiziphi izifundo abazozenza ezikhungweni zeMfundo ePhakeme.

Kubona kukhona u-Anele Mthembu, Amahle Phoswa, Asanda Mkhize no-Anele Ngubane.