NKOSIKHONA CELE
OMUNYE wabefundisi asebenokhakhayi oluqinile, odume nangezintshumayelo ezinohlonze nasemisakazweni, uthi akuphele ukucwasana kwamabandla ikakhulukazi phakathi kwamabandla abasindisiwe naweZayoni.
UMfu MS Mpungose weBandla iHis Own Bible Church International, wodumo lwezintshumayelo ezisuke zibeka into njengoba injalo futhi onganqeni ukuqinisa ulimi, uthi sesifikile isikhathi sokusebenzisana nokuhambelana phakathi kwabasindisiwe nabaseZayoni ukuze kuphele lobu butha okungazeki nokuthi bakheka kanjani.
Ugcizelela ukuthi munye uNkulunkulu okhonzwayo kuwona wonke amabandla.
Lokhu ukusho njengoba ezoba yingxenye yendumezulu yenkonzo yebandla laseZayoni Isibusiso Ibandla leNkosi Baptist Church in Zion of Southern Africa, eliholwa nguMbhishobhi Phumlani Dlamini.
Le nkonzo izokuba ngoMeyi 25, ehholo lomphakathi iMarromen, eNewcatsle.
Uveze ukuthi phambilini uke wakhonza ebandleni laseZayoni futhi konke wayekubona kukuhle nje.
"Makuphele ukubakhona kwemingcele ephakathi kwabasindisiwe nebandla laseZayoni. Uzwe nezintshumayelo zabanye zigudla abanye kabi.
“Into emqoka ukuthi kukhonzwa uNkulunkulu kulelo bandla. Inqobo nje uma engathukwa uNkulunkulu kulelo bandla, konke kuhle ngalo,'' usho kanje.
Uthe empeleni ibandla likaNkulunkulu ngobubanzi balo lingabonakala likhula kakhulu uma lingagwema ukupiklelana nokubukelana phansi.
Ugcizelele ukuthi yena uNkulunkulu umkhonza noma yikuphi lapho ebona khona ukuthi ukhona futhi ukhonzwa ngeqiniso.
UMbhishobhi Dlamini uhambe emazwini kaMpungose wathi yize beyibandla leZayoni, bakhethe ukumsondeza eduze ngoba ungomunye wabaholi abanohlonze olukhulu.
Uthe kumqoka ukuthi wonke amabandla asebenzisane ngaso sonke isikhathi, kungabibikho ukuklwebhana okungenasidingo.