Umphathiswa wezeMpilo uNksz Nomagugu Simelane noMnuz Dumisani Pakkies okwatholakala ukuthi unomdlavuza wendlala zesinye osesigabeni sesithathu ngonyaka ka-2020
Image: Sithunyelwe
NJENGOBA kuyinyanga yokuqhakambisa ezempilo kwabesilisa, bayakhuthazwa ngokunakekela impilo yabo kanjalo nokuhlolwa izifo ezicashayo kodwa eziyingozi.
UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, ubonge owesilisa waseMlaza ngokuba nesibindi sokukhuluma ngohambo lwakhe nomdlavuza wendlala yesinye, okuyisifo esingazibiki kodwa esibulalayo nesihlasela ngendlela exakile abesilisa abamnyama.
UMnuz Dumisani Pakkies, okwatholakala ukuthi unomdlavuza wamankwahla osesigabeni sesithathu ngo-2020, engakaze abe nezimpawu zokugula, ubemnywe ohlelweni lwamasonto onke lomnyango iKwaZulu-Natal Health Chat, lapho egeqe khona amagula ngohambo lwakhe ebhekene nalesi sifo.
UMphathiswa uchaze uMnuz Pakkies njengeqhawe ngokuba nesibindi sokubhekana nesimo ayekuso nokwabelana ngodaba lwakhe emphakathini.
"Ngokusinda emdlavuzeni wendlala yesinye nokwabelana ngendaba yakhe, uguqula ubuhlungu bakhe bube yithuba lenguquko enhle. Ukuphumela kwakhe obala ngalokhu kuzonikeza nabanye ithuba elifanayo nokubanika isibindi sokuhlolwa kusenesikhathi nokuyinto engasindisa amanye amadoda," kusho yena.
Sikhulu isibalo samadoda ansundu eNingizimu Afrika ahlaselwa yilesi sifo esitholakala sesisezigabeni eziphezulu nesimo saso sesibucayi kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izinhlanga. Lokhu kwehluka kwenziwa yinhlanganisela yezinto okungaba wufuzo, amazinga aphansi okuhlolwa, kanye nezithiyo ezihlobene nesimo senhlalo-mnotho nokufinyelela ekunakekelweni kwezempilo.
"Amadoda angaphezu kweminyaka engu-50 asengozini, ngakho-ke ayelulekwa ukuthi ahlolwe minyaka yonke. Iminyaka yobudala enconyiwe yokuhlolwa yalabo abanomlando womndeni yiminyaka engu-45.
Ngeshwa, amadoda amaningi ayakushalazela ukuhlolwa ngenxa yokwesaba, ukungabi nolwazi oluyiqiniso ngalo mdlavuza, noma izinkolelo ezinjengokuthi umdlavuza "yisifo sabelungu", noma udalwa wubuthakathi.
UMnuz Pakkies wayevame ukuhlolelwa umdlavuza wendlala yesinye. Ngemva kokuxilongwa kwakhe, waqala ukwelapha nge-hormonal (i-androgen deprivation therapy) ngoJanuwari 2021. Lokhu kwalandelwa yi-brachytherapy (ukufakwa kwezimila ze-radioactive kwi-prostate) ngo-Febhuwari 2021, kanye nemisebe yangaphandle ye-beam ngoJulayi ngonyaka ofanayo.
"Ngiyajabula ukusho ukuthi bengixolelwe kusukela ngo-2023. I-PSA yami manje ayibonakali - nje ingu-0.05," esho. “Akunamsebenzi ukugwema udokotela, kuphela wukuthi ugcina usunamanabukeni - ungakwazi ukuhamba noma ukuzondla wena,” kuxwayisa uMnuz Pakkies.
Unxuse abesilisa ukuthi bazihlole njalo:"Uma ungeke uzenzele ngokwakho, kwenzele izingane zakho noma obathandayo. Masikhulume ngomdlavuza wendlala yesinye ngendlela esikhuluma ngayo ngonobhutshuzwayo, ipolitiki, noma inkolo. Ngoba ukuthula kuyasibulala."