UMLAWULI wesikhwama esixhasa izitshudeni ngemali ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) uDkt Randall Carolissen usekhumbuze abakweleta lesi sikhwama ukuthi ababexhaswe kusuka ngo-2017 kuya eminyakeni edlule kumele bayikhokhe imali.
Ubephendula imibuzo yezitshudeni kwiTwitter izolo ekuseni ngemuva kokuvulwa kophiko lokusiza izitshudeni uma zifaka uxhaso lokuthola imali emahhovisi alesi sikhwama aseKapa.
Uthe kusuka kulo nyaka uma uthole uxhaso kulesi sikhwama wenza unyaka wokuqala awuyibuyisi imali ngoba isuke iwumfundaze.
“Bonke abaxhaswa kusuka nyakenye kuya eminyakeni edlule kumele bayikhokhe imali ngoba babebolekwa.
“Labo abaxhase kulo nyaka abenza unyaka wokuqala bona ngeke bayibuyise ngoba izoba umfundaze.”
Lolu phiko olwethulwe yiphini likangqongqoshe lemfundo ephakeme uMnuz Buti Manamela, lunamakhopyutha angu-14 ne-scanner ukuze ofaka isicelo akwazi ukwenza lokhu.
Kunendawo yokuhlala uma usalindile engahlalisa abantu abangu-30.
UCarolissen uthe baqale ngo-Okthoba 8 ukuhlola ukusebenza kwalolu phiko olunobuchwepheshe besimanje wathi bangu-322 asebefikile befuna usizo.
UManamela unxuse izitshudeni ukuthi zifake isicelo soxhaso sangonyaka ozayo.
Uthe azenze lokhu ngaphambi komnqamulajuqu wangoNovemba 30.
Lolu phiko luzovulwa ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-8 kuya ku-5 ntambama.
Ngolunye ulwazi kungashayelwa inombolo yamahhala ethi: 0800 67327.
Abafuna ukwenza izinhlelo zokubuyisa imali bangashayela le nombolo njengoba lesi sikhwama siveze ukuthi sikweletwa ngaphezulu kukaR35 billion abantu abangayibuyisile imali abaxhaswa ngayo.