UMKHUZI wamaphoyisa eGauteng uLieutenant Elias Mawela ekhumbula amalungu ombutho wakhe asala empini Isithombe: SAPS
UBUHOLI bamaphoyisa eGauteng buhlanganyele esiteshini saseLinden enkonzweni yokukhumbula amalungu alo mbutho ashonela emsebenzini.
Le nkonzo yaseGauteng ilandela eyangesonto eledlule eyayiholwa umnyango kazwelonke lapho kwakukhunjulwa amaphoyisa asezifundazweni ezahlukene ashona esemsebenzini.
Umcimbi wangesonto eledlule wawuholwa uMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke uJenene Fannie Masemola noNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele.
EGauteng, angu-23 amaphoyisa asala enkundleni ezigamekweni ezahlukene zokulwa nobugebengu nokuhlaselwa kwawo ngqo lapho ezingelwa oshaya sibhamu.
ULieutenant General Elias Mawela uzwakalise ubuhlungu obehlele amalungu ombutho wakhe ephuma emakhaya ngenhloso yokuvikela izakhamuzi, kodwa agcine engasabuyelanga kweyayo imindeni.
“Silapha namhlanje ukukhumbula amaqhawe asala empini. Kubuhlungu ukuthi ekuseni ugqoke inyufomu yakho ngenhloso yokuvikela izwe kodwa ugcine ungasabuyelanga ekhaya ngenxa yezimo obhekana nazo emsebenzini,” kusho yena.
Lo mkhuzi wamaphoyisa ubuye wagcizelela inkulumo kaCele yokuthi amaphoyisa angasabi ukwenza umsebenzi wawo ngendlela futhi angangabazi ukuzivikela lapho ebhekene nobungozi.