Izindaba

Kukhonye izindlovu ezinkethweni zokuchibiyela ebeziKwaZulu-Natal

Sabelo Nsele|Published

Kuhlomule i-IFP ezinkethweni zokuchibiyela ebeziKwaZulu-Natal Isithombe: Sigciniwe

I-IFP iyona ehlomule kakhulu ezinkethweni zokuchibiyela ebezithe chithi saka KwaZulu-Natal.

Le nhlangano inqobe kumawadi ayisikhombisa abenezinketho zokuchibiyela ngoLwesithathu.

I-IFP inqobe amawadi amathathu ebikade ingawaphethe eMzumbe, wonke la mawadi abekade ephethwe i-ANC ngaphambi kokhetho lokuchibiyela.

I-IFP iphinde yanqoba iwadi ebikade iphethwe i-ANC kuMasipala waseMthonjaneni, yase ithatha nelikade liphethwe i-ABC kuMasipala waseMvoti.

Kwenzeka lokhu nje, i-IFP isanda kuthola isikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal, yaphinde yathola nabaphathiswa abane kwikhabhinethi lesifundazwe.

IPhini likaSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala, lithe imiphumela ikhombisa ukuthi abantu bakulesi sifundazwe bayahambisana nesinqumo se-IFP sokujoyina uhulumeni wobumbano.

Amanye amaqembu ahlomulile okhethweni lokuchibiyela yiDA neMK.

I-DA iwine iwadi ebeliphethwe yi-ANC eNewcastle, iMK nayo yawina iwadi ebeliphethwe i-ANC eMzumbe.

I-ANC ikwaze ukugcina amawadi amathathu okhethweni lwangoLwesithathu.