SABELO NSELE noSIMPHIWE NGUBANE
I-IFP izidlele amahlanga komasipala abasezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal, okhethweni lokuchibiyela obelungoLwesithathu.
Iwagcine wonke ama-ward ebikade iwaphethe komasipala abane yabe isizihlomulela nge-ward entsha kumasipala waseNkandla.
U-ward 13 waseNkandla ubuphethwe yi-ANC kanti i-IFP yagcina ngo-2006 ukuwina kule ward efaka izindawo zakoManyane, Mwane, Tulwane nezinye.
Abengu-12 ama-ward akulesi sifundazwe abenokhetho lokuchibiyela kanti i-ANC igcine ama-ward amane kwathi iDA yagcina ama-ward ayo amathathu.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthe bajabule ngokugcina ama-ward abebewaphethe eMtubatuba, Mthonjaneni, Nquthu nasoPhongolo.
“Siwine iningi lama-ward abenokhetho lokuchibiyela. Abavoti sebekhulumile. Izwi labo lizwakele ikakhulukazi ngesikhathi bechayisa i-ANC ku-ward 13 eNkandla.”
I-ANC KwaZulu-Natal ibonge kwabayivotelile ukuze igcine ama-ward ayo amathathu eThekwini ne-ward eyodwa eMvoti.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe bayazazi futhi bayaziqonda izikhalo ezabekwa yizakhamuzi zaseNkandla ngesikhathi bekhankasa, wathi kungenzeka ukuthi yizo eziholele ekutheni bagcine bengalibonanga elidlalayo kule ward.
“Siyazibophezela ekulungiseni zonke izinkinga ezibekiwe. Sinamaqhinga acacicile okuletha intuthuko kuwo wonke lawa ma-ward.”
Uthe bajabule ngokunqoba kuma-ward amathathu eThekwini naku-ward 7 eMvoti, elokishini iNhlalakahle.
Umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bajabule ngokuthi bagcine ama-ward abo amathathu, ekumasipala waseThekwini, eseMsunduzi neseRay Nkonyeni.
“Ngaphansi kwezimo ezinzima lapho ukhetho belulokhu luhlehla ngenxa yokubheduka kweCorona, sikwazile ukukhulisa isibalo samavoti esiwatholile kula ma-ward.”
Kuzwelonke, iDA igqemeke engeqiwantwala kulolu khetho.
Nakuba leli qembu ligcine ama-ward awu-14 ebeliwaphethe, lilahlekelwe ayisishiyagalolunye lanqoba amabili amasha.
I-ANC idle ubhedu njengoba igcine ama-ward angu-64, yalahlekelwa amabili, yathola ayisithupha amasha.
Okhulumela iDA kuzwelonke, uNksz Refiloe Refiloe Nt’sekhe, uthe ziningi izinto ezibe yimbangela yalokhu kubalwa nomdonsiswano owaba khona phakathi kweqembu nowayeyimeya yaseCape Town, uNkk Patricia de Lille.
“Sifundile kula maphutha. Sizosebenza kanzima ukwenza isiqiniseko sokuthi abavoti baphinde basithembe.”
I-ANC kuzwelonke ithe ijabule ngale miphumela ekhombisa ukuthi abantu basalithemba iqembu.
I-Independent Electoral Commission (IEC) ithe isebenzise imali ephakathi kukaR10 million kuya kuR15 millon ngokhetho.
U-R3 million usetshenziselwe ukuthengela abasebenzi be-IEC izimpahla zokuzivikela kwiCorona nezinsiza kusebenza.
Lokhu kuvele esithangamini nabezindaba se-IEC ePitoli izolo ngenkathi kukhishwa imiphumela yokhetho.
Ukhetho luchazwe njengolube nokuthula futhi lwaba yimpumelelo. Isibalo sabavoti sibe ngu-37.3% kuzwelonke, KwaZulu-Natal saba ngu-38.7% okuyizibalo ezijabulise abe-IEC.
I-IEC ithe lesi yisibalo esikhulu kwazise bekuyiphakathi nezinsuku futhi izulu lilibi ikakhulukazi KwaZulu-Natal.
Isikhulu esiphezulu uMnuz Sy Mamabolo sithe baqoke usuku lwangoLwesithathu ngoba ngempelasonto abantu basuke behambele imicimbi abanye beyodumisa.
Uthe uLwesithathu wusuku olungekho matasa nakuba ekuvezile ukuthi abanye abavoti basuke besemsebenzini.
Uncome abavoti ngokuzivikela kwiCorona okuyinto athe iyagqugquzelwa njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2021.