Izindaba

Kukhonjwa iNPA ngenjumbane inkantolo idedela #Omotoso

Nonkululeko Nhlapo|Published

ISOLEZWE: Kuhlale obala ukuhluleka kweNPA inkantolo eNkulu yaseGqeberha idedela uTimothy Omotoso nababili asolwa nabo.:

Image: Raahil Sain/African News Agency (ANA)

UGUQE ngedolo phansi wathandaza uMfundisi Timothy Omotoso ngevuma kokuphuma phambili kuwona wonke amacala abebhekene naw enkantolo eNkulu yaseGqeberha.

Esinqumweni esishaqisayo ijaji u-Irma Schoeman liveze ukuthi umbuso uhlulekile ukuveza ubufakazi obuqanda ikhanda nokuholele ekutheni aphume phambili kuwo wonke amacala angu-32 okudlwengula nokushushumbisa abantu.

U-Omotoso odabuka eNigeria, kanye nezintokazi ezimbili  uLusanda Solani noZikiswa Sitho, ezingamalungu aphezulu ebandla lakhe, baboshwa ngo-2018, bebhekene noxhaxha lwamacala anzima, okuhlanganisa awokunukubeza ngokocansi, ukushushumbisa abantu kanye nokushushumbisa.

Ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo uChris Swepu we-Azapo utshele abezindaba ukuthi uma kwenzeka u-Omotoso ephuma phambili kuleli cala, kumele kuqinisekiswe ukuthi iNPA iyaphenywa ngobudedengu bayo ekuphatheni leli cala.

"Abazange bamfake imibuzo (u-Omotoso) ngobufakazi abunikezile kanjalo nangobufakazi ofakazi babo umbuso ababunikeza isikhathi eside."

@NtoZintle_ U-Omotoso utholwe engenacala, uphiko lwezobulungiswa lusaqhubeka nokuhluleka izisulu zokunukubezwa ngokocansi kanye nokuhlukunyezwa

@KsKhathi Sinophiko lwezokushushisa olushaqisayo eNingizimu Afrika. Usuku oludabukisayo ngempela ezweni, ngemva nje kosuku izinkumbi zababhikishi ezweni lonke ziphume umkhankaso othumela umlayezo oqinile wokulwa nokudlwengula. UTimothy Omotoso nozakwabo abafanelwe wukulibona ilanga.

@maxola1 Udaba luka-Omotoso lufakazela nje ukuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane yinto esazoqhubeka eNingizimu Afrika inqobo nje uma uhlelo lwethu lwezobulungiswa luphazamiseka futhi luqhutshwa izilima ezingakwazi ukusebenza.

@King_MM_M Siqala noma siqhubeka kanjani nokufuna #justiceforcwewe ekubeni kunezalukazi ezinengqondo esebenza ngokuphelele zihlulwa wuhulumeni? U-Omotoso nasolwa nabo bangabantu abakhululekile manje, kungakhathalekile ukuthi bangaki abantu asebephumele obala bafakaza ngaye.