UNOBHALA Jikelele we-SACP, uDkt Blade Nzimande, uthi kukhona okuhle okwenzeka ngaphansi kobuholi bukaZuma Isithombe: Shayne Robinson
UNOBHALA Jikelele wamakhomanisi, uDkt Blade Nzimande, usegxeke labo abathi kuneminyaka eyisishiyagalolunye eyalahleka ezweni ngesikhathi sikamengameli Jacob Zuma.
UNzimande uthe kuningi okwenziwa ngalesi sikhathi wathi abasho lokhu banyundela uMsholozi.
Ubale uhlelo lokusabalalisa imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi njengento enkulu eyenzeka ngesikhathi sikaZuma.
UNzimande usho lokhu ethula inkulumo ngesikhathi iSACP igubha iminyaka engu-100 izolo. Uthe nangaphambi kokuba uZuma abe ngumengameli ikhona iminyaka okungazange kwenziwe lutho ngayo.
“Akungathiwa ngesikhathi sikaZuma akukho okwenziwa kodwa kwalahleka iminyaka. Uhlelo lwama-ARV’s, ukuphucula imfundo ephakeme kufakwa imali esikhwameni esixhasa izitshudeni iNational Students’ Financial Aid Scheme, ngezinye zezinto ezenziwa ngaphansi kukahulumeni kaZuma.”
Uthe kukhona nokho okwenzeka ngesikhathi sikaZuma okubalwa ukulawulwa kombuso yidlanzana, okungahambanga kahle.
“Kwabakhona ukudliwa kwemali, kwakhona abalawula umbuso. Kwakhishwa abanye ongqongqoshe bamakhomanisi ababenza umsebenzi omuhle kabi ezweni.”
Uthe bazolokhu beyesekile i-ANC noMengameli wayo uMnuz Cyril Ramaphosa njengoba isemkhankasweni wokuzivuselela kabusha.