AMAPHOYISA akuqinisekisile ukuboshwa kwesikhulu esibhekelele uphenyo nokuhlolwa kwabantu enyuvesi iFort Hare, ngohide lwamacala enzeka esikhungweni.
UMnuz Isaac Plaatjies, uboshwe ngesonto eledlule kwathi ngoMsombuluko wabingela iMantshi yase-Alice. Icala lakhe lahlehliselwa kuLwesibili lapho ezojoyina abanye abasolwa abayisishiyagalolunye kuyo enkantolo.
Ngo-Ephreli kulo nyaka, kwaboshwa abasolwa abahlanu okunguBongani Peter obeyiChief Operating Transport Officer enyuvesi, uWanini Khuza owayengunsupha wabashayeli osewathatha umhlalaphansi, uSicelo Mbulawa owayeyilungu leSRC enyuvesi kodwa osengusomabhizinisi ohlinzeka le nyuvesi ngomsebenzi, uMthobisi Khanyile okuthiwa ngumgulukudu waseKZN, odume ngokweba izimoto azishushumbise emngcweleni, noMthobisi Dlamini onamacala evile kwawu-15 okugqekeza nokweba ezindaweni zaseBerea, Mayville naseMorningside, eThekwini.
Phambilini bavela enkantolo kodwa nguMbulawa kuphela owadedelwa ngebheyili kaR75 000, abanye basatokile.
Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwabanye abasolwa okunguZimisele Chiliza ongusomatekisi waseKZN. nonkosikazi wephoyisa ongummeli uPelisa Nkonyeni. Bobabili baboshwa ngo-Agasti kulo nyaka. NgoSepthemba kwaboshwa uThamsanqa Mgwetyana owabanjwa ebhace eKZN.
Abasolwa babhekene namacala amabili okubulala, namathathu okuzama ukubulala okuthiwa enzeke enyuvesi. Leli cala lihanjelwe nangumkhuzi wamaphoyisa ezweni lonke uGeneral Fannie Masemula.