Izindaba

Kukhishwe umehlokaboni kofunelwa elokubulala isikhulu se-IFP

Charles Khuzwayo|Published

Umsolwa othunagathwa amaphoyisa ngecala lokubulala umholi we-IFP

Image: Sithunyelwe

Amaphoyisa aseGauteng asekhiphe umehlokaboni wesamba sikaR60 000 kunoma wubani ongaqhamuka nomkhondo ongaholela ekuboshweni nokugwetshwa kukaZamani Ngila Ximba.

Lo mlisa uthungathelwa icala lokubulawa kobeyiPhini likaSotswebhu Omkhulu kwiNkatha, uMnuz Khethamabala Sithole, nelokuzama ukubulala abahlali ababili ehostela laseKatlehong, iBuyafuthi ngoMeyi 31 kulo nyaka.

Umsolwa nude, umnyama ngebala futhi uyingozi njengoba ehlale ehlome eyizingovolo.

Abanolwazi olungaholela ekuboshweni kukamsolwa bayanxuswa ukuba bathinte usigqxamabhande, uMajor General Mbuso Khumalo ku082 555 8642 noma uzakwabo uCaptain Abe Montoedi ku-082 461 4794 kanye nophiko olunkanise kuCrime Stop ku-08600 10111 noma-ke basebenzise iMySAPS App.

Lonke ulwazi luzophathiswa okwezikhali zamaNtungwa futhi luyoba yimfihlo ephakathi kompimpayi nephoyisa kuphela.