IKHANSELA lakuWard 79, uMnuz Sthenjwa Nyawose, lifingqe imikhono langena emfuleni lakhipha isidumbu somfanyana oneminyaka engu-11 ominzile emfuleni waseMlaza.
UYikhokonke Masuku (11), waseMlaza kwa-H uminze ngoMgqibelo kade eyobhukuda nabangani bakhe.
Lo mfana kuthiwa kade ehambe nabangani bakhe ngoMgqibelo beyobhukuda, wabe eseminza.
Kuthiwa ngenxa yokuthi bese kumnyama abatakuli abakwazanga ukukhipha isidumbu.
NgeSonto, umndeni, umphakathi nekhansela babe sebenikela emfuleni.
UNyawose uthe ngenxa yokubona abatakulayo bethatha isikhathi ukufika ube esengena emfuleni.
“Besisemfuleni silinde abatakuli,ngizwe omunye wesifazane ethi nangu evela, uthe ubona sengathi ikhanda. Ngenxa yokuthi ngakhula ngibhukuda emfuleni eMthavuna, futhi ngisiza abantu ukuba bawele umfula ngibe sengingena emanzini njengabatshuzi, ngezwe kukhona okungithintayo uma ngibheka umzimba. Ngikwazile ukuwukhiphela ngaphandle,” kusho uNyawose.
Uthe bafisa ukuqala umkhankaso wokuxwayisa izingane ukuba zingabhukudi kuloya mfula ngoba uyingozi.
“Cishe ingeyesikhombisa lena iminza kulo mfula. Ngesikhathi ngikhipha ingane emanzini ngibonile ukuthi ibilimele emlonyeni. Lokhu kuchaza ukuthi kunesilwane esikhona. Ngakho akuphephile ukuba izingane zibhukude khona. Sifisa kufakwe ngisho amabhodi azobhalwa ukuthi akubhukudwa kuloya mfula,” kusho uNyawose.
Kuthintwa umndeni walo mfanyana, umfowabo uMnuz Fanelesibonge Gazu, uthe kusenzima nokuthi bakhulume njengomndeni ngalolu daba olubashaqile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aseMlaza avule idokodo ngokushona komuntu kulandela ukuminza komfanyana oneminyaka engu-11.