KUKHALWE ngama-consultant asetshenziswa komasipala ekubeni kusuke kunabasebenzi abaqashelwe ukwenza umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi imali isebenza ngendlela.
Lesi sikhalo sivezwe ngusihlalo wekomiti lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ePhamende, uDkt Zweli Mkhize izolo, ekhuluma nabezindaba ngezaleli komiti. UMkhize uthe lezi zinkampani ezisetshenziswa komasipala ziyahluleka ezinye zazo ukwenza umsebenzi ogculisayo.
Uthe kunezinselelo zokuthi kwabanye omasipala akukho ukulandelela.
"Kunezinselelo ngasekuphathweni kwemali komasipala. Lokhu kuvele ngisho embikweni woMcwaningi Mabhuku Jikelele. Umbiko olethwe ngeminye imikhandlu uveza izinto eziningi ezingahambi kahle kuyona ekubeni bekusetshenziswa izinkampani ezizimele," usho kanje.
Ukhale ngokuthi omasipala basebenzise ngaphezu kuka-R1.4 billion kulezi zinhlangano.
"Kwenzeka lokhu nje, kulabo masipala kunabasebenzi abaqashwe ngokugcwele okuyibo okumele babhekane nomsebenzi wezezimali kodwa lowo msebenzi wenziwa abanye abantu. Kumele kuphele ukusetshenziswa kwemali budedengu."
Khonamanjalo: usihlalo wekomiti leziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, uMnuz Jan de Villiers, ukhale ngokudla kubi kwezipoki eminyangweni ehlukene kahulumeni.
Uthe lezi zipoki zibhubhudla imali kahulumeni wathi inkohlakalo edla lubi yazo eminyangweni okubalwa owezeMfundo nowezeMpilo.
"Asaziwa isibalo sabasebenzi abayizipoki kuhulumeni kodwa bona bakhona futhi baningi. Sekuqalwe uphenyo oluhlanganisa izinhlaka ezehlukene ezizophenya ngalesi sihlava."
Uthe ngisho noNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, wakubalula ethula isabelomali ukuthi kumele kubalwe abasebenzi ukuze kuliwe nalesi sihlava sezipoki kuhulumeni.
"Lo mkhonyovu wenziwa ngabantu abayizikhulu eminyangweni. Awenziwa umuntu oyedwa emnyangweni kodwa izikhulu okungenani ezintathu okudinga ukuthi zisayine, bese kuba nesipoki. Lokhu kusho ukuthi inkohlakalo igxile kakhulu kuhulumeni."
Ubalule ukuthi uMcwaningi Mabhuku Jikelele waveza embikweni wakhe ukuthi eMnyangweni wezeMfundo eMpumalanga, kwakhokhelwa izipoki imali ebalelwa ku-R4.6 million.