SEBELIFANISA neSodoma neGomora laseBhayibhelini ihostela laKwaMashu abathi isibhamu siqhuma kulo ubusuku nemini, kuse ekuseni sekukhona abadindilizile sebebulewe.
Laba bantu bakhala ngezibhamu nangezinhlamvu okuthiwa zigcwele kuleli hostela, bathi kungathi abanazo bayemukeliswa lapho bezithola khona. Okunenga kakhulu abantu wukungabonakali nangalukhalo kwamaphoyisa uma bewabikela futhi avele afike esezocosha isidumbu.
Abantu abahlala kuleli hostela Isolezwe elikhulume nabo bacela ukungadalulwa amagama abo ngoba babona bengaphephile, bathe njalo uma sekusondele ukhetho isimo sivele sibe manzonzo kakhulu.
Balandise nangesigameko sokutholakala kwesidumbu sikaMnuz Sabelo Nxumalo (34) obekade enqunyiswe okwembuzi ngeSonto ekuseni.
UNxumalo odabuka Oyaya, Eshowe onendlu ehostela bathi usongelwe ngokufa ngamadoda abekade ephuza nawo ngoMgqibelo kwathi ngakusasa watholakala endlini yakhe esebanda.
“Amaphoyisa siyawabikela kodwa awafiki. Izinhlamvu ezigcwele lapha asazi noma ziyemukelwa yini lapho abazithola khona. Uhulumeni makadilize le mijondolo egcwele la ngoba izigebengu zibulala abantu bese zicasha kuyo,’’ kusho omunye wesilisa.
Omunye uthe le ndawo isiphenduke yaba ikwabulawayo ngoba uma kuke kwaba khona ababa nokuhilizisana lokho kuphetha ngokuphuma komphefumulo.
“Asikholwa nawukuthi uhulumeni uyazi ukuthi kukhona indawo enjengehostela laKwaMashu okubulawa abantu kulona mihla namalanga. Sicela ukulethelwa amaphoyisa azoqapha ubugebengu kule ndawo futhi asukumele phezulu uma sibika ngobugebengu,’’ usho kanjena.
Omunye umhlali uthe njalo uma kuza ukhetho bayabikelwa njengoba kusuke kuzoqhuma isibhamu nsuku zaphuma.
“Isimo bese singcono kakhulu kodwa njengoba sesibheke okhethweni nje sekuqale phansi, abantu bayasaba ngendlela eyisimanga. Angiwasoli amaphoyisa uma esaba ukungena kuleli hostela njengoba impilo iyodwa vo kodwa nje kuningi uhulumeni neqembu eliphethe leli hostela okumele bakwenze ukuqeda ubugebengu, njengoba izibhamu ziyinala kuleli hostela,” kuchaza umhlali.
Okhulumela inhlangano yamahostela eThekwini, Ubumbano lwamaHostela, uMnuz Mthembeni Thusi utheakulethwe amaphoyisa anogqozi lokusebenzela umphakathi esiteshini samaphoyisa KwaMashu yikhona ezolwa nobugebengu obusehostela.
“Alukho olwamahhala kuleli hostela singcwaba njalo. Abantu bayaxabana bese beyadubulana. Akudilizwe imijondolo exakile kule ndawo kusale izindlu,” kusho uThusi. -IFP ikhala ngezinsolo ezithi amaphoyisa aKwaMashu azithela ngabandayo ekulweni nobugebengu bakuleli hostela futhi awalusebenzisi ulwazi alunikwa wumphakathi.
Ilungu le-IFP esiShayamthetho KwaZulu-Natal eliphinde libe ngumkhulumeni wayo kwezokuphepha nokuxhumana komphakathi, uMnuz Blessed Gwala lifuna ukuthi uKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi aphenye ngokushesha izinsolo zokungasebenzi kahle kwamaphoyisa aKwaMashu.
“Kumele kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo kubhekwe nokushintshwa kwamaphoyisa asebenza kulesi siteshi. Uma amaphoyisa ehluleka wukuvikela umphakathi, iminwe kumele ikhombe ubuholi bawo,” kusho uGwala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel
Thembeka Mbele uthe bayitholile imibuzo ebivela entathelini ngalezi zinsolo kodwa bazophendula kahle uma sebethole imininingwane ngazo.