Kukhalwa ngezinkinga zamanzi eseziphazamise ukufunda KwaNongoma
Image: Paballo Thekiso / Independent Newspapers
ZIMAPEKETWANE izinto ezikoleni ezimbili zaKwaNongoma, ngenxa yezinkinga ezahlukene.
Esikoleni iMatiwane Primary, eBhanganono kuvela ukuthi ukufunda selokhu kwagcinwa ngo-Ephreli 22, ngenxa yengwadla yokugcwala kwezindlu zangasese.
Lesi simo kuvela ukuthi sesiholelele ekutheni kume nse ukufunda kulesi sikole okuyinto abazali abathi isiqala ukubama emphinjeni.
''Asisazi ukuthi senze njani lento isiqala ukusicika ngampela. Angeke phela kukhulunywe indaba yokuthi kuma ukufunda ngenxa nje yenkinga yezindlu zangasese nje kuphela,'' kusho umzali ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe.
Kuvela ukuthi inkinga ekulesi sikole ukuthi usonkotileka okumele alekelele uhudula izinyawo ngenxa yezizathu ezithile.
Osesigungiwini esilawula lesi sikole uNksz Lethiwe Nxele uthe abakhathazwa kuphela yinkinga yezindlu zangasese kodwa nenkinga yamanzi nayo imi ngenhla kulesi sikole.
''Lapha esikoleni ayikho into ekhona, amathangi kawekho kanti munye nje vo umpompi okhona nawo awunawo amanzi. Kuze kudingeke ukuthi amanzi abafundi bawacele komakhelwane nsuku zonke. Usizi lolu izingane zethu eziphila ngaphansi kwalo lapha esikoleni,'' usho kanje.
Esikoleni iMbindleni Primary, nakhona kuvela ukuthi sekuphele iminyaka eminingi isikole singakhiwa njengoba abafundi befundela emagumbini akhiwe ngama-container namanye amawindi afile.
Omunye wabazali bakulesi sikole ocele ukungavezwa, ukhale ngokuthi izingane ziqhuqhwa ngamakhaza njengoba kusebusika ngoba isikole asikhiwe.
''Angeke phela ungagodoli ekubeni isikole singakhiwanga ngosemende,''usho kanje.
I-Action SA ize yabhalela uMphathiswa wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Sipho Hlomuka imnxenxa ukuba angenelele kulolu daba lwalezi zikole zombili.
Encwadini ebhalwe yi-Action SA izwakalisa ukukhathazeka kwayo ngalesi simo.
''Ukuhlala kwabafundi bengafundi ngenxa yenkinga yezindlu zangasese kuyabalimaza kakhulu abafundi ngoba kulahleka isikhathi behlezi emakhaya,'' kusho uMnuz Zwakele Mncwango, umholi we-Action SA KwaZulu Natal, encwadini ayibhalele uHlomuka.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe bayalwazi udaba lwaseMatimane lwenkinga yezindlu zangasese, athe iyalungiswa.
Mayelana nenkinga yaseMbindleni lapho okufundelwa khona emagumbini engekho esimeni esikahle, uthe akukho abakwaziyo ngalokho.
Ucele ukuthunyelelwa izithombe zesikole.
Related Topics: