KUKHALWA ngamaphara asephendule isibhedlela iWentworth, eningizimu yeTheku, indawo yokwenza imali njengoba erentisa ngezihlalo ezinamasondo, ebambela neziguli olayini azikhokhise imali.
Kuthiwa eyolayini asebenzisana nomabhalane nabo abanentshontsho emalini ekhokhwa ngabantu, ukuze bakhiphe amafayela eziguli ezibanjelwa ngamaphara labo layini. Umthombo ongaphakathi kulesi sibhedlela uveze ukuthi lo mkhonyovu umandla kakhulu ngezikhathi zasekuseni, lapho iziguli eziningi zisuke ziphuthuma ukuzolanda amaphilisi azo. Iziguli ezisuke zilande lawa maphilisi, kuthiwa ezisuke ziphethwe isifo sikashukela, eziphethwe umfutho wokwenyuka nokwehla kwegazi nezinye izifo. Kukhona abantu abafika esibhedlela ekuseni ngo-3.30 nango-4.30 ngoba bethi bafuna ukuba phambili kolayini,” kuchaza umthombo.
Uthe lezi ziguli zifike zidumale ngoba amaphara asuke esenabantu bawo ababeke phambili kolayini abakhokhe oR50 ngefayela. Okwenzekayo ngokusho komthombo, ngezikhathi zantambama omabhalane bakhipha ngasese amafayela eziguli bawanikeze amaphara, wona atshela iziguli ezisuke zizobekisa izindawo zangakusasa ukuthi azikhokhe uR50 ukuze zibe phambili kolayini ngakusasa.
“Ngakusasa abafika ekuseni babingelelwa amafayela abantu ezitulweni kodwa kube kungekho muntu kuzona,” kuchaza umthombo.
Uthe uzwa abakhokhile sebekhuma ngamaselula namaphara bethi basendleleni bayeza.
“Kwesinye isikhathi uzwa amaphara esethetha ethi sebelibele kuphi ngoba isikhathi sesihambile, azoze abanjwe,” usho njalo.
Mayelana nezihlalo ezihamba ngamasondo, umthombo uthe ngezikhathi zantamba amaphara aziqoqela ndawonye enzela ukuthi uma kufika iziguli ekuseni, arentise ngazo.
Izihlalo ezihambayo zona kuthiwa zirentiswa kusukela kuR10 kuya phezulu. Ntambama amaphara ayazifihla lezi zihlalo bese zithushuka ekuseni esangweni sezirentiswa. Uthe kuyamangaza ukuthi abahlengikazi bayaye bathule bebona iziguli ziqhutshwa yilawa maphara engena nazo emawodini.
“Ngisola ukuthi imali lena lama phara ayidla nomabhalane nonogada ngoba bathula sengathi le yinto ejwayelekile okumele yenzeke,” usho kanje umthombo.
Uthe nomxhumanisi wakulesi sibhedlela waze washiya ngoba exakwe wukuphendulana nemibuzo yezinkinga ezixakile zakhona.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Ncumisa Mafunda uthe: “UMnyango ukhathazekile ngalezi zinsolo, futhi usujube abaphathi besibhedlela ukuba bawunike umbiko ogcwele mayelana nalolu daba”.
Uthe amafayela asesibhedlela aqukethe imininingwane yeziguli ebalulekile neyimfihlo evikelwe wumthetho, futhi ayimpahla kaHulumeni okungafanele iphathwe noma wubani futhi ufanele ahlale ephephile ngaso sonke isikhathi. Kuphambene nomthetho ukuthi kube khona umuntu owenza inzuzo ngomsebenzi kahulumeni,” usho njalo.