Kukhalwa ngabafaka imithi entabeni yakwaShembe, isithombe: Sithunyelwe
KUKHUZWA umhlolo wabantu abaqwala intaba yamaNazaretha eyingcwele iNhlangakazi beyogila imikhuba, bashiye imithi, yizinkukhu ezifile zashiswa namakhandlela okuthiwa kuwukunukubeza ibandla nentaba uqobo.
Intaba iNhlangakazi inomlando ngoba kuthiwa umsunguli webandla lamaNazaretha, uMphrofethi Isaiah “Mqaliwendlela’’ Shembe wahlangana kuyona noNkulunkulu nabangcwele phezu kwayo.
Amakholwa kavame ukwenyuka njalo ngonyaka eholwa ngabaholi bawo kuyothandazwa kubikwe nezinkinga zomhlaba entabeni.
UMnuz Mdumiseni Khuzwayo owakhelene nentaba esendaweni kayisemkhulu, esigodini eMayelesweni ngaphansi kweNkumbanyuswa, uthe kuyichilo okwenziwa ngabantu entabeni.
“Umfana wami uke waya nomunye obevakashile eyobona intaba ngoba inomlando. Uma befika bathola ibhakede linomuthi, amakhandlela, yizinkukhu nokunye okungahambisani nenkolo. Sikhulele kuyo le ndawo futhi uShembe wayicela enduneni ubabamkhulu nenkosi yendawo. Siyakhuza ukuthi abantu abame ukuganga entabeni. Uma befuna ukuya khona kufanele bathole imvume enduneni,’’ kusho uKhuzwayo.
Uthe kubaphatha kabi bewumndeni wakwaKhuzwayo ngoba bona banomlando onothile ngebandla futhi baseduze kwayo, kufanele babe yiso kuyo, ngeke bavume kwenzeke okuphambene. UKhuzwayo uthe udaba uselubikile enduneni yesigodi nayo ekhombisa ukukhathazeka ngalesi senzo.
Izinhlangothi zaManazaretha ezisebenzisa le ntaba yiGinyezinye, abaseKuphakameni nabaseBuhleni (Thembezinhle). Abangaphansi koNyazi sebaqoka ukuba nendawo yabo iKhenani, oZwathini abasayi eNhlangakazi. Omunye osohlangothini lwaseGinyezinye ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba uthe bakhathazekile ngalesi simo.
“Sike sazifica izinto ezinjalo eThempeleni naphezu kwentaba nathi. Kkuyinto engamukelekile impela. Singanxusa ukuthi uhulumeni angenele ekutheni intaba ivikelwe. Thina esisayisebenzisa sibe nemvume ibiywe. Kungasiza nokuthi ifakwe ngaphansi kwezintaba ezibalulekile emhlabeni ngaphansi kohlelo lweNhlangano yeZizwe,’’ kusho ilungu lebandla eliqavile. Okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uMnuz Nkululeko Mthethwa uthe bebengakahlangabezani naleyo nkinga.
Imizamo yokuthola okhulumela abaseKuphakameni kayiphumelelanga.