UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ojube abaphenyi abazokanisa ezibhedlela ezehlukene babheke okwenzekayo ngokushoda kwemithi nezinye izinsiza
Image: Independent Newspapers
KUZOJUTSHWA ithimba labaphenyi bomshoshaphansi abazohlola babheke okwenzeka ezibhedlela zaKwaZulu-Natal, odabeni oluthinta ukushoda kwemithi nezinsiza
Lokhu kuvezwe nguNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli izolo ephendula imibuzo yamalungu esiShayamthetho eMgungundlovu.
UNtuli uthe la mathimba asabalele ezibhedlela ezehlukene kanti noMphathiswa wezeMpilo esifundazweni, uNksz Nomagugu Simelane, akawazi.
"Ngijube ithimba ukuphenya ngezikhalo zokuthi iyashoda imithi ezibhedlela zesifundazwe. Nami sengike ngagasela kungazelele muntu kwezinye zezikhungo, angitholanga kunenhlekelele yokuthi imithi ayikho," kusho uNtuli.
Uthe kukhona ukushoda kwezinye zezinto kodwa akuyona into enkulu noma efinyelele ezingeni lenhlekelele.
"Ngifuna ukuthola umnyombo wokuthi kungani uma kukhona ukushoda kwemithi. NoNksz Simelane uzivakashele izikhungo wathola umbiko, uzongibikela ngakutholile. Nami ngiyafuna ukwazi lapho kunenkinga khona ukuze ngiziyele mathupha kungazelele muntu, ngiyophenya," kusho uNtuli.
UNtuli usho lokhu nje kuke kwaba nokukhala nasezinkundleni zokuxhumana kuthiwa ayikho imithi ezikhungweni zempilo.
Abanye abebekhala bebethi kuthi uma befika kuthiwe imithi ethile noma amaphilisi awekho.
Ngakwezemfundo uNtuli uvumile ukuthi kunezinselelo ezinkulu ezibhekene nalo mnyango esifundazweni.
Uthe ukufunda kuyaqhubeka ezikoleni phezu kokuba kunezinselelo zokushoda kwemali.
"Uhlelo lokudla ezikoleni aluphazamisekile abafundi bayadla. Siyazilungisa izinselelo ezikhona noMphathiswa walo mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka. Sinethemba lokuthi lezi zinkinga zizolunga."
Kumanje iSadtu ihudula izinyawo ikhala ngezinto eziningi umnyango ohluleka wukuzenza okubalwa ukungayifaki imali yezikole eyaziwa ngama-norms and standards, esiza ngokuthi kukhokhelwe ugesi namanzi.
Le nyunyana isabise ngokuthi uma izinkinga zingalungiswa kusengcupheni ukubhalwa kwezivivinyo ezikoleni.
Unxuse amalungu omphakathi nawesiShayamthetho ukuthi afake isandla empini yokulwa nokuhlaselwa kwezikole.
"Ngihlela ukuthi ezinye zezinselelo zemali ngizidlulisele ezingeni likazwelonke. Asifuni kube nokuphazamiseka kokufunda nokufundisa ezikoleni zesifundazwe."
Odabeni lokugcwala kwezikole uthe kuhanjiswe amakilasi angomahamba nendlwana ukuze kwehliswe umthwalo obhekene nalezi zikole.
Uveze ukuthi kunemali engu-R95 million ehlinzekwe uMnyango wezeMfundo ukulungisa izikole ezakhahlanyezwa yizikhukhula.
UNtuli ubalule nemali efakiwe ukusiza ezinhlelweni zokutakula abakhahlanyezwa yizikhukhula kulesi sifundazwe.
Related Topics: