ILAYISI lakwa Woolworths eselihoxisiwe ezitolo ngenxa yokusabela ukuthi lineListeria

ISITOLO sokudla iWoolworths sihoxise ilayisi elifrizile elixustshwe nombila elithengwe embonini yaseHungary, iGreenyard Factory, okusolwa ukuthi iwumsuka weListeria kuleliya lizwe.

AbakwaWoolworths baveze lokhu izolo kulandela isimemezelo seHungarian Food Safety Agency ethe kuzohoxiswa konke ukudla okuvela kule mboni.

Bathe ukuphepha kokudla kubalulekile ngakho bebedinga ukuthi nabo bakuhoxise lokhu kudla.

Leli layisi elixutshwe nombila liphuma lifrizile ngakho lisuke lisadinga ukuphekwa ngaphambi kokudliwa.

AbakwaWoolworths bathe okunye ukudla kwabo okuyizithelo okufriziwe kuphephile.

Abathengi abesebelithengile leli rayisi bangalibuyisela ezitolo zakwaWoolworths eziseduzane nabo, bazobuyiswelwa imali.
Ukuthola eminye imininingwane ngalokhu ungashayela ku-0860 022 002 noma ungene kwi-website yakwaWoolworths, ethi:www.woolworths.co.za

Ekuqaleni kwalo nyaka iNingizimu Afrika ihlaselwe yilesi sifo okwagcina kutholakele ukuthi umsuka waso imboni yakwa-Enterprise Foods. Lesi sifo kubikwa ukuthi sadlula nabantu ababalelwa ngaphezulu kuka-200 kuleli.

Kwenzeka lokhu nje abakwaWoolworths bangaphansi kwenkulu ingcindezi yokuqinisekisa abathengi ukuthi ziphephile izitolo zabo ngemuva kokutholakala kwamabhomu kwezinye zazo eThekwini ngesonto eledlule.