KUHLUKENE imibono kuvaleliswa obengumehluleli omkhulu, uJaji Mogoeng Mogoeng.
UMogoeng ubeke phansi izintambo izolo kulandela ukuqhoqhobala lesi sikhundla iminyaka eyishumi.
Yize abebemvalelisa izolo belincomile igalelo lakhe kepha kukhona nalabo abambeke amabala.
UMogoeng ubesesebenze eNkantolo yoMthethosisekelo iminyaka engu-12.
Waqokelwa kwesokuba umehluleli omkhulu ngowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ngo-2011, emva kweminyaka emithathu ejoyine iNkantolo yoMthethosisekelo.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi yaseWestern Cape, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe nakuba uMogoeng enze umsebenzi oncomekayo kepha kukhona izikhathi lapho ake aphuma khona endleleni.
“Yebo, uma kuziwa kwezomthetho, wenze umsebenzi oncomekayo kodwa kukhona izinqumo ezithile azithathile ezithunaze igama lakhe. Kukhona lapho aphume khona emgqeni.”
Ezinye zezinto uMogoeng azokhumbuleka ngazo ingesikhathi ethula isinqumo sale nkantolo ngodaba oluthinta ukulungiswa komuzi kaZuma.
Umbiko womvikeli womphakathi wawukade uthole ukuthi uZuma wahlomula ngesikhathi kulungiswa ezokuphepha emzini wakhe, wanquma ukuba akhokhe ingxenye ethize.
Kwabe sekusuka umsindo ngokuthi ngabe izincomo zomvikeli womphakathi ziyabophezela na.
UMogoeng wanquma ukuthi lezi zincomo ziyabophezela nokwaholela ekutheni uZuma agcine ephoqiwe ukuthi akhokhe ingxenye ethize yemali eyakhokhela izinto ezingahlangene nezokuphepha.
Kepha emva kwalokho uMogoeng uke waba sematheni ikakhulu ngodaba lwezenkolo oluthinta izwe lakwa-Israel.
Uphinde waba sematheni muva nje ngodaba oluthinta umgomo wobhubhane, iCorona.
Njengamanje izwe libheke ngabomvu ukuthi ngubani ozongena ezicathulweni zikaMogoeng.
Phakathi kwalabo abasemjahweni walesi sikhundla kubalwa uSekela Mehluleli Omkhulu, uJaji Raymond Zondo, iNhloko yamajaji eWestern Cape, uJaji John Hlophe noMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
UMngomezulu uthe nakuba uZondo kubukeka kunguye ohamba phambili kulo mjaho kepha yena akahambisani nokuqokwa kwakhe.
“Uma uzobheka indlela asingathe ngayo iKhomishini ephenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana, angihambisani nokuqokwa kwakhe.”
UMengameli Cyril Ramaphosa uthe inkulu kakhulu indima edlalwe uMogoeng kwezomthetho.
“Kulandela ukuyibamba iminyaka eyishumi kwakhe, uMogoeng ushiya igama elihle kwezomthetho. UMogoeng usebenze kwezobulungiswa ngesikhathi izwe libhekene nobunzima. Ezobulungiswa zidlale enkulu indima ngaleso sikhathi ekwakhiweni kabusha kwezwe.”
IFP nayo imbongile uMogoeng ngomsebenzi awenzele isizwe.
Okhulumela le nhlangano, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe banethemba lokuthi ozolandela ezicathulweni zikaMogoeng kuzokuba ngumuntu owulungele umsebenzi.