INDAWO ozalelwe kuyo nesimo okhule ngaphansi kwaso akuchazi lutho ngekusasa lakho.
Lokhu kushiwo nguNkk Seipati Mokhosi waseQwaqwa owenza iPhD yeBiochemistry eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, obuye afundise izifundo ze-Accelerated Academic Development Programme.
UNkk Mokhosi ukwabesifazane bakule nyuvesi abebechonywa uphaphe lwegwalagwala ngomsebenzi wabo oncomekayo emkhakheni weSayensi abawenza kule nyuvesi ngesikhathi kunomcimbi owaziwa ngeWonder Women in Science, obuseThekwini, izolo.
Uthe noma yini oyenzayo ingenza ukuthi uchonywe uphaphe lwegwalagwala. Wenze isibonelo ngowesifazane owenza imidwebo yamaNdebele, uNkk Esther Mahlangu, ohlonishwe ngeziqu zobudokotela yiNyuvesi yaseJohannesburg kulo nyaka ngomsebenzi wakhe omuhle.
“Ngesikhathi eqala ukwenza imidwebo yakhe nginesiqiniseko sokuthi kwayena wayengazi ukuthi uyohlonishwa ngeziqu zobudokotela. Ukuzimisela nokwenza umsebenzi wakhe ube sezingeni eliphezulu yikho okumphendlele indlela,” kusho uNkk Mokhosi.
Uqhube wathi iSayensi wayithanda esemncane efuna ukwazi ukuthi inkomo iyakwazi yini ukudla enye into ngaphandle kotshani, uma iyidlile leyonto kwenzekani.
“Ngokuhamba kwesikhathi ngibuye ngakhohlwa yiSayensi ugqozi lwayo lwabuya ngemuva kokuthi ngibuke ifilimu iLorenzo Oil ngo-1992. Ngazibona ngingowesifazane ongenza noma yini ayifisayo kodwa akubanga lula ngoba ngingene kulo mkhakha senginomndeni. Angiphinde ngisho ukuthi akulula kodwa kuyenzeka,” kusho yena.
UDkt Joyce Chitja, okhulele eLimpopo, wekolishi lezolimo iSchool of Agricultural, Earth and Environmental Sciences, ofundisa esikhungweni esicija izitshudeni ezenza izifundo zezolimo ezigxile ekukhiqizweni kokudla i- African Centre for Food Security (ACFS) nePhini likaSihlalo webhodi esikhungweni esicwaninga ngezolimo, i-Agricultural Research Council (ARC), naye uhlonishiwe. Uthe abantu abaye bakutshele ukuthi ngeke uphumelele akumele ubanake uma ufuna ukuya phambili. Uthe sondela kulabo abanombono ofanayo nowakho.
UDkt Nomfundo Mahlangeni waseNdwedwe, naye ochonywe uphaphe lwegwalagwala, wenze ucwaningo ngemithi yesintu. UDkt Mahlangeni usophikweni lweChemistry & Physics enyuvesi yaKwaZulu-Natal. Uthe ukholwa wukuthi imithi yesintu iyakwazi ukwelapha kodwa okumele kwenziwe wukuthola ukuthi ikhambi ngalinye elifakwe embizeni linothe ngani ukuze kube lula ukwazi ukuthi kungani kunezimbiza ezingozifo zonke.