BAFICWE uthaqa sebevele bezilungiselele abafundi nothisha basesifundeni iMajuba, abaqale isiteshi se-internet esesitakula nabanye njengoba kuvalwe izikole.
Isiteshi siqalwe ngothisha basePhendukani Full Service High eNewcastle ngoJanuwari, ngenhloso yokusiza abafundi ezifundweni ezahlukene.
Uthishanhloko uMnuz Bheki Kubheka, uthe uke waba nguNobhala weNewcastle Community Radio phambilini. Uthe isiteshi esibizwa ngeSchool FM, basivule ngoJanuwari kodwa baqala ukusebenza kahle ngoFebhuwari.
“Besifuna ukusiza izikole ezingaphansi kwesifunda ukuze silekelelane ezintweni ezahlukene, sisekane. Sisebenza nabafundi bethu bamanje, nabanye asebeqedile esikoleni. Sinothisha bezikole ezahlukene abasiza ukufundisa,” kuchaza uKubheka.
Uveze ukuthi baqala ukufundisa ngo-10 ekuseni kuze kushaye u-6 ntambama. Ezinye izifundo bayaziqopha ukuze babuye baziphinde uma kukhona abafundi abaphutheliwe. UKubheka uthe bafundisa izifundo eziyisihlanu ngosuku, isifundo ngasinye sithatha ihora nemizuzu engu-15. Izifundo okugxilwe kuzo ngezamabanga aphezulu.
“Sisungule i-App ukuze abafundi bakwazi nokubuza ngeWhatsApp nange-email uma kukhona abangakuzwanga kahle. Sesekwa kakhulu ngisho abazali bayancoma. Sesinabafundi abangaphandle kwesifunda iMajuba, abancoma lolu hlelo nabo olubasizayo,” kuchaza uKubheka.
Njengoba kunenkinga yokumba eqolo kwe-data, uthe nakubona ikhona leyo nselelo. Uthe sebekhulume noMnyango wezeMfundo esifundazweni ukuze bazame uhlelo lokulekelelwa. Uthe bafuna ukuthi umnyango ubaxhumanise nezinkampani zamaselula ukuze bangasebenzisi i-data ukungena kulo msakazo. Ngaphandle kokufundisa kulo msakazo kubuye kudlalwe umculo wamakhwaya wezikole zaseMajuba. Kuphinde kudlalwe imiyalezo yezempilo ukuxwayisa ngeCoronavirus edlangile.
UKubheka uthe banethimba lezobuchwepheshe okuyilona elibalekelelayo okubalwa nabanye abebesebenza esiteshini somsakazo eNewcastle.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bayakuncoma okwenziwa yilo msakazo.
Uthe uzwile ukuthi abaphathi bawo banesifiso sokuthi umnyango ubasize ukubaxhumanisa nezinkampani zamaselula kodwa akukho okusavunyelwene ngakho.