KUHLELWA imashi yokugqugquzela amadoda aqotho ezohambisana nemidlalo yokukhumbula owayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvezwe izolo ngabagqugquzeli bemidlalo ezokuba seKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoJuni 9.
Ngokusho kukaSibusiso Gumede weNUZ Events ongomunye wabaxhase imidlalo nemashi, inhloso wukukhumbula uMeyiwa kuphinde kukhuthazwe abesilisa emiphakathini ukuthi baphile impilo eqotho.
Imashi izokuba ngoJuni 2, isuka eMangosuthu University of Technology iyophelela esiteshini samaphoyisa kwa-V eMlazi.
“Lena ngenye yezindlela esikhumbula ngayo uMeyiwa njengoba ubaba (uSam Meyiwa) eke washo ukuthi ubengumuntu obelibhekile ikhaya. Sifuna ukugqugquzela abesilisa ukuthi baphile impilo eqondile. Simema abancane nabadala ukuthi babe yingxenye yale mashi,” kusho uGumede.
UGumede nabambisene nabo, uNathi Ngwenya weNN Holdings noNtokozo Sikhakhane, bathe bafisa imicimbi kaSenzo kube yinto eyenzeka minyaka yonke kodwa konke kuzoncika oxhasweni abalutholayo.
Ubaba kalo nozinti owabulawa ngokudutshulwa eVosloorus, eGoli, uSam Meyiwa, uyakweseka okuzokwenzeka.
“Sekuphele iminyaka emingaka kungenzekile lutho kodwa manje
nakhu kubonakala engathi uNkulunkulu uyaphendula.
"Ngesikhathi bengitshela ngezinhlelo zabo ngambiza umfana ngathi, Senzo
nakhu kubonakala sengathi izinto ziyenzeka.
"Ngicela uNkulunkulu abanike amandla baqhubeke,” kusho uMeyiwa.
Umfundisi Vusi Dube webandla i-ECC ukuqinisekisile ukuthi uzoba yingxenye yale mashi.