Izindaba

Kuhlehle esebheyili kwengezwa amanye amacala kuMjinja obefunwa uthuli eMariannhill

Zimbili Vilakazi|Published

UMNUZ Linda 'Mjinja' Hlongwa uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngamacala abucayi izolo

Image: ZIMBILI VILAKAZI

KUHLEHLE isicelo sebheyili kwengezwa amanye amacala amabili okubulala eNkantolo yeMantshi yasePinetown, kowesilisa okuthiwa usatshiswa okwenyoka eMariannhill, ngaphandle kwasePinetown.

UMnuz Linda Hlongwa (31) odume ngelikaPutin, kwesinye isikhathi waziwa ngelikaMjinja, ubevele kule nkantolo, ebhekene namacala ahlukene.

UMjinja uke waba sematheni maphakathi no-Ephreli kulo nyaka ngesikhathi eboshwa amaphoyisa eMidrand, eGoli. I-video yakhe yasabalala ezinkundleni zokuxhumana, ikhombisa ezama ukubaleka ngophahla lwebhilidi ayebhace kulo.

Ukuboshwa kwakhe kwakamuva kulandela ukukhishwa kwencwadi eyayigunyaza ukuthi aboshwe, ngoSepthemba ngonyaka odlule. Amaphoyisa asabalalisa izithombe zakhe eveza ukuthi amfuna uthuli.

Ngesikhathi kukhishwa leyo ncwadi, inkantolo yaveza ukuthi kusukela ngoJulayi 2020, wayengasayingeni eyokuza enkantolo ngecala ayelihamba lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. 

Ngesikhathi evela izolo iMantshi, uNkk Gwendolyn Robinson, itshele uMjinja ukuthi emacaleni amahlanu abewazi, kwengezwa amanye amabili okubulala abesilisa ababili.

Ithe womabili wawenza ngoMashi 28 nonyaka, KwaSanti ePinetown.

“Bobabili wababulala ngokubadubula,” kusho uNkk Robinson. 

UMjinja uphinde ubhekane namacala amabili okubulala owesifazane owayengunina wengane yakhe nonina, okuthiwa wababulala ngokubadubula ekhaya labo eNazaretha, ePinetown ngoMashi 18 kuwo lo nyaka.

Inkantolo iphinde yathi kukhona elinye icala lokuzama ukubulala abhekene nalo. 

Ukwengezwa kwamacala akwaSanti okubulala, yiwo aholele ekutheni angabe esaqhubeka nokufaka isicelo sebheyini ngalawa amanye abevele aziwa. 

Ngomlomo wommeli wakhe uMnuz Nkosi, uMjinja ucele ukuthi ahlehliselwe usuku olulodwa wonke amacala akhe, ukuze akwazi ukufaka kahle isicelo sebheyili kuwona wonke.

“Sizokwenza nesicelo sokuthi wonke lawa madokodo ahlanganiswe, abe yidokodo elilodwa,” kusho uNkosi. 

Inkantolo ibe isilihlehlisela uJuni 10 icala ukuze afake isicelo sebheyili. 

Enkantolo ungene ehlinile, ehlahla amehlo, ebuka wonke umuntu obekhona. Esebuyela emgodini, ubonakale ebingelelana nomunye wesilisa, obehamba nedlanzana ebelizomeseka.

Ngokwezitatimende zamaphoyisa abezithumelela abezindaba ngesikhathi esafunwa, uMjinja unoxhaxha lwamacala okukhokhisa imali yokuvikela eMariannhill nakwamanye amalokishi angomakhelwane.

Kuthiwa phakathi kwabantu abebakhokhisa ‘womalume’ abathutha izingane zesikole, abezipaza nabamatekisi.