USEBEKE ithemba lakhe emaphoyiseni ukuba aphenyisise ngodaba lokuhlaselwa komndeni wakhe kuntshontshwe imali nemoto ongumholi kwi-NFP uMnuz Sphamandla Ntombela.
Isolezwe lithole ukuthi ngoMsombuluko, kugasele abantu bathatha impahla, okubalwa amafoni, imali nemoto i-VW Polo, emzini kaNtombela oseNewlands East.
Lokhu kwenzeke kukhona umkakhe nezingane, yena ubekwelinye ikhaya oLundi.
Abasolwa okuthiwa bebeyisithupha, bakhombe amalungu omndeni wakhe ngezibhamu bathi awalale phansi bazenzela endlini, bethatha izinto.
UNtombela uthe udumele ngokuhlaselwa komndeni wakhe kodwa uzoyeka amaphoyisa ukuba aphenye.
“Ngifisa ukuyeka amaphoyisa ngoba eNewlands ngafika ngo 2003 akekho umuntu ongawazi umndeni wami nonenkinga nawo futhi yonke imizi inezimoto ezinye ezilala ngaphandle mina ngibiye ngodonga olude ngeke ungene kalula, Nango-2009 zake zangena izigebengu ngangisola ipolitiki lapho ngoba ngangiphambili kwi- IFP nakwi Friends of VZ (Nkk Zanele Magwaza-Msibi). Okudumazayo wukuthi nangawo * -2009 ngagcina ukukhuluma namaphoyisa ngivula icala angiphindanga ngezwa lutho nayizolo (ngoMsombuluko) bekunezingane ezimbili, eneminyaka engu-14 neno-26 nonina abaye kobika ngesigameko,” kusho uNtombela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokweba wathi kuyaphenywa.
Kwenzeka lokhu nje amaphaphu aphezulu kwabezepolitiki kulandela ukubulawa kwekhansela le-ANC eMtubatuba uMnuz Phillip Mkhwanazi. Ayaziwa imbangela yokubulawa kwakhe. Wahlaselwa esemzini wakhe ngeledlule ngabantu ababezenza abafuna usizo lwekhansela. Kusaphenywa ngokubulawa kwakhe.