OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma akazangane akhiphe umyalelo wokuthi owayenguNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Ben Martins akasize abakwaGupta nezimenywa zomshado wabo ukuthi bafikele esikhumulweni sezindiza iWaterkloof Air Base ngo-Ephreli 2013.
UNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula naye wayengathinteki kulolu daba.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Bruce Koloane oyinxusa lakuleli eNetherlands kulandela izinsolo zokuthi wayesebenzise igama likaZuma nelikaMapisa-Nqakula encenga abasebenzi baseWaterkloof ukuthi badedele abakwaGupta bafikele khona ngaphambi komcimbi womshado owawuseSun City ngo-2013.
UKoloane ukusho lokhu ngesikhathi efakaza kwikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uJustice Raymond Zondo.
Sifakaza ngesonto eledlule, esinye sezikhulu eziphezulu seSANDF, uMajor Thabo Ntshisi, sithe uKoloane wafika kubona ngo-Ephreli 2, 2013 ecela ukuthi abakwaGupta bavunyelwe ukufikela kulesi sikhumulo ngebhanoyi labo wathi nguZuma ovume ukuthi kwenziwe lokhu.