UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uthembise ubuholi bomdabu ukuthi uhulumeni uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukubuya kozinzo kulolu hlaka esifundazweni.
UZikalala ukusho lokhu ngesikhathi enomhlangano oseqophelweni eliphezulu nababambe izikhundla eziphezulu ezinhlakeni ezisondelene kakhulu nalolu daba.
Phakathi kwabo bekukhona uNgqongqoshe wezokuThutha, ezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi uNkk Peggy Nkonyeni, uNgqongqoshe wezoBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Sipho Hlomuka, uSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, Inkosi Phathisizwe Chiliza, iSekela lakhe, Inkosi Thabisile Zulu noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal sibhekene nengwadla yokubulawa ngesihluku kwamakhosi nezinduna.
Kusukela ngo-2012, ziwu-28 izinduna esezibulewe kulesi sifundazwe kanti amakhosi abulewe ayisihlanu.
UZikalala uthe liyabakhathaza kakhulu izinga okubulawa ngalo amakhosi nezinduna abanye abasocongwa besemizini yabo.
“Ubuholi bomdabu buwuhlaka olubaluleke kakhulu. Njengohulumeni ezingeni lesifundazwe, udaba lokuphepha kwamakhosi nezinduna siluthatha njengolubalulekile kakhulu. Ukungaphephi kwamakhosi nezinduna kubeka engcupheni uzinzo esifundazweni sethu,” kusho uZikalala.
Uthe kudingeka ukuthi ngokubambisana, kuqhanyukwe nezindlela zokuzama ukunqanda lesi sihlava sokubulawa ngesihluku kwamakhosi nezinduna.
Kuvunyelwene ngokuthi izimbizo zamakhosi nezinduna eziqale ukubanjwa uMnyango wezoBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ngonyaka odlule zingabe zisayekwa. Kuvunyelenwe ngokuthi aziqhubeke ngoba zingasiza ngokuthi amakhosi nezinduna babeke uvo lwabo ngalesi sihlava.
Uhlangothi lwezokuphepha luveze ukuthi udaba lokuphenya amacala athinta ukubulawa kwezinduna namakhosi luseqhulwini.
Kuvele ukuthi kumanje amaphoyisa aphenya amacala okubulawa nokuzama ukubulawa kwezinduna namakhosi awu-42 enzeke kusukela ngo-2012.
Kuvele ukuthi sebewu-25 abantu ababoshiwe abathinteka kwamanye alamacala.
Kuvele ukuthi amadokodo awo wonke la macala asezandleni zethimba labaphenyi elihlanganiselwe ukubhekana nawo kuphela.
Kuvele ukuthi uphenyo seluhambe ibanga elide kanti akusekude ukuthi amaphoyisa athole umnyombo wokubulawa ngesihluku kwamakhosi nezinduna.
Phakathi kweminye imibiko elokhu ivela ukuthi iyizizathu zokubulawa kwamakhosi nezinduna kubalwa ukubangwa kwezikhundla zobuholi, ukubangwa kwezindawo, izimpi zemindeni nezamatekisi.