Izindaba

Kugxekwe osonkontileka abahlulwa wumsebenzi

Nkosikhona Cele|Published

SITHUNYELWE ONGOWESIBILI kusuka kwesokunxele yiMeya yaseMfolozi uMnuz Xolani Bhengu

Image: EMFOLOZI

IHLATSHWE yahlikizwa indaba yosonkontileka abanikwa imisebenzi bese beyahluleka ukuphothula umsebenzi ngesikhathi esifanele.

Lokhu kushiwo yiMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, egxeke kakhulu indaba yosonkontileka abehlulekayo ukuqeda umsebenzi ngesikhathi okusuke kuvunyelwane ngaso.

UBhengu ukusho lokhu ekhuluma ngesikhathi ethula uhlelo lwentuthuko edidiyelwe enkundleni yezemidlalo yakwaSokhulu.

sithunyelwe ONGOWESIBILI kusuka kwesobunxele yiMeya yaseMfolozi uMnuz Xolani Bhengu ngesikhathi kudluliswa izinsiza kusebenza eizinhlanganweni zakule ndawo

Image: ozinhlangano

Uthe zizogcwala udaka izinyawo kosonkontileka abayimbangela yokuthi intuthuko igcine seyibonakala ihamba ngonyawo lonwabu.

Wenze isibonelo ngomunye usonkontileka athe ubekade esingethe umsebenzi othile kwase kuvunyelwana ngokuthi makawuphothule ngezinyanga ezine kodwa lokho kwangenzeka.

''Sesimxoshile ke ngoba kuyacaca ukuthi umsebenzi umehlule. Sesizothola omunye ozokwazi ukuqhubeka nalo msebenzi,'' usho kanje.

Ubethulele isigqoko osonkontileka abebenikezwe umsebenzi wokuba kuvulwe umgwaqo oyinkwali waseNsikeni, athe bawenze kahle umsebenzi waba seqophelweni eliphezulu.

Uthe bakwazile nokuthi bawuphothule ngesikhathi okwakuvunyelwane ngaso.

Ube eseveza izinhlelo abanazo athe zizoqala ukwenzeka ngoJulayi.

Phakathi kwazo ubalule ukulungiswa kwemigwaqo eyahlukene yakule ndawo athe kuzodla imali eshisiwe.

Phakathi kwemigwaqo ezolungiswa ubalule iMashobeni Access Road, okuzosetshenziswa u-R3 589 234 nomgwaqo uKhumalo ukulungiswa kwawo athe kuzodla u-R4 629 927.

Uveze nokuthi bazolungisa inkulisa i-Othini ngesamba esingu-R898 9772.

Okunye athe kuzoba seqhulwini wukulungiswa kwezinkundla zemidlalo nokulungiswa kwezikhungo eziphakela ngamanzi.

Udalule nokuthi benza konke okusemandleni ukweseka osomabhizinisi bendawo.

Kube khona nezinhlangano ezahlukene zakule ndawo ezihlomule ngezinsiza kusebenza.

"Sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ukulekelela osomabhzinisi abancane,'' úsho kanje.

Amalungu omphakathi aphakamise ukuthi kube khona okwenziwayo ngodaba lwamanzi kuphinde kuqhutshekwe nangokwakhiwa kwemigwaqo esezingeni.