UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal ugxeke ukushiswa kwesikole eMlaza izolo.
Isikole Esiphukwini Primary sishiswe entathakusa izolo ngabantu abangaziwa.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Kwazi Mshengu, uthe: “Lesi senzo siwubuqaba futhi sibuyisela umnyango emuva. Imali eningi umnyango uyifake ezinhlelweni zokubhekana negciwane iCorona. Sinxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuze kuboshwe izigilamkhuba ezishise isikole.”
Uthe umnyango usacubungula ukuthi umonakalo odalekile ungalungiswa ngamalini.
Kwenzeka lokhu lo mnyango uveze ukuthi sekwebiwe izimpahla zezokukuzivikela ezikoleni ezingu-50 kulesi sifundazwe selokhu kuvalwe izikole ngoMashi.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela lo mnyango, uthe izikole ezebelwe izimpahla zokuzivikela ezingaphansi kwesifunda saseMlaza, esasePinetown, iHarry Gwala, ezingaphansi kukaMasipala iRay Nkonyeni, ezingaphansi kukaMasipala uMuziwabantu nezingaphansi kukaMasipala uMnambithi.
“Okwamanje akukakaziwa ukuthi izimpahla ezebiwe zingabiza malini. Abathintekayo sifisa ukuthi baboshwe. Umphakathi sicela ukuthi ubambisane namaphoyisa ukuze kuboshwe abathintekayo,” kusho uMthethwa.