IZINKULUNGWANE zezakhamuzi ezakhele uMasipala waseThekwini zingase zizithole zingasakwazi ukuxhumana ngamaselula njengoba sekushiswe inqwaba yemibhoshongo ye-network emalokishini ehlukene.
Kusolakala ukuthi lemibhoshongo ishiswe izakhamuzi ezikholwa wukuthi iyimbangela yesivuvu sesibili sobhubhabe iCorona.
izakhamuzi ziphinde zikhale ngokuthi azaziswanga ngesikhathi kufakwa imibhoshongo.
Imibhoshongo ishiswe eMlaza, KwaMashu, Ntuzuma naseFolweni, kanti kuthiwa izinkampani zilahlekelwe yizigidi zamaRandi ngokucekelwa phansi kwayo.
Ngokwemibiko engaqinisekiswanga, abasebenzi abebethunyelwe ukuzolungisa imibhoshongo, banqatshelwe ukusebenza.
Ukushiswa kwayo kuza kungakapheli izinsuku eziningi kusabalale inkulumo eqoshiwe yekhansela lakuMasipala waseThekwini, uMnuz Sifiso Mngadi, lapho khona enza izinsolo zokuthi ubhubhane iCorona lwandiswa imibhoshongo ye5G.
Kule nkulumo esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, uMngadi unxusa ukuthi iqaqwe yonke imibhoshongo ukuze kubonakale ukuthi ngeke sinciphe yini isibalo sabantu abahaqwa wubhubhane.
Ngokwemibiko, ukushishwa kwemibhoshongo kuqale ngoLwesithathu.
Enkulumeni esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, kuzwakala indoda ixwayisa ngokuthi amaselula angase aphenduke imihlobiso njengoba kushiswa imibhoshongo yama-network.
“Yonke into eyi-network iyavalwa maduzane. Baqalile bashisa imibhoshongo. Nathi sikhishiwe kwenye i-site la eThekwini, bayayishisa. Uma kunomyalezo ofuna ukuwudlulisa esihlotsheni sakho, wudlulise manje, kusho inkulumo eqoshiwe.
Inhlangano yosomabhizinisi edume ngokufuna ngenkani amathenda kahulumeni, Amadelangokubona, iziqhelisile nokushiswa kwale mibhoshongo.
Lenhlangano ithe kungamampunge ukuthi amalungu ayo ashisa imibhoshongo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aKwamashu aphenya icala lokucekelwa phansi kwempahla kulandela ukushiswa kombhoshongo.
Uthe nakuba umbhoshongo ushisiwe eNtuzuma, alikho icala elisavuliwe.
"Akukho okusabikiwe eMlazi kanye naseBhekithemba."
Isenzo sokushiswa kwemibhoshongo sesigxekwe kakhulu uhulumeni wesifundazwe noMasipala waseThekwini.
UNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, uthe izinsolo zokuthi imibhoshongo ye5G iyimbangela yesivuvu sesibili seCorona, ziyinkolelo nje.
UZikalala unxuse abantu ukuthi balalele okushiwo ososayensi nohulumeni.
IMeya yaseThekwini uMnuz Mxolisi Kaunda ithe abukho ubufakazi bezesayensi obukhombisa ukuthi imibhoshongo ye5G yandisa ubhubhane iCorona.
UKaunda unxuse amaphoyisa ukuthi abhekane nabashisa imibhoshongo.