BAZOGWETSHWA ngoDisemba 12 nonyaka abalahlwe yicala lokuba nodlame enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ngesikhathi kunomdlalo phakathi kweKaizer Chiefs neFree State Stars kwiNedbank Cup Semi Final.
NgoLwesithathu abantu abangu-11 balahlwe yicala ngokudala udlame emphakathini, bebevele enkantolo yesiFunda eThekwini. Amacala ahoxisiwe kwababili.
USiphosenkosi Knowledge Memela, John Sibongiseni Khumalo, Kwezilomo Madiba, Cebolendoda Hadebe, Douglas Mhlaliseni Mkhize, Nolwethu Cokotha, Zibongile Njova, Sihle Duncan Zungu noDennis Thusi kulindeleke ukuba begwetshwe ngenyanga ezayo.
Laba baboshwa ngemuva kwesigameko sango-Ephreli 21 nonyaka lapho kwalinyazwa khona impahla enkundleni kwalinyazwa nonogada.
Amaphoyisa asebenzisa izithombe ezashuthwa ukuthola ababefunwa ngamacala, abanye bazinikela emaphoyiseni kulandela ukuphuma komyalelo wokuthi bayafuneka ngomonakalo waseMabhida.
Lesi sigameko senzeka emuva kokuba iChiefs ihlulwe yiStars ngo 2-0, abalandeli bavuka umbhejazane belwa, bekhombisa ukungagculiseki ngomphumela.