INHLANGANO ebhekelele izibonelelo zikahulumeni KwaZulu-Natal, iSassa, ikhathazekile ngokugqekezwa kwamahhovisi ayo kuntshontshwe izinsizakusebenza.
Izolo le nhlangano ithe sebentshontshelwe amakhompyutha angu-117 nama-laptop angu-13, amathelevishini nezinye izimpahla zenani likaR347 319. 18.
Isolezwe lithole ukuthi izolo kuntshontshwe amanye amakhompyutha eNanda, kulandela isigameko saseMlaza ngeledlule lapho kuntshontswe amakhompyutha angu-30.
Kuthiwa lokhu kuphazamise ukusebenza kulezi zindawo, njengoba abasebenzi befika ekuseni kukhala ibhungezi bangakwazi ukuqala umsebenzi ngendlela ejwayelekile.
Angaphezu kwangu-10 amahhovisi ale nhlangano asegqekeziwe esikhathini esingangezinyanga ezimbili. Kulezi zigameko kuthathwa amakhompyutha, ama-laptop nezinye izinto zokusebenza.
Ibamba lesikhulu esiphezulu sale nhlangano KwaZulu-Natal, uMnuz Zanoxolo Mpeta, lithe lesi simo siphazamisa ukusebenza.
“Lokhu kubanjwa kwenkunzi okwenzeka emahhovisi ethu kuyaphazamisa. Amacala avuliwe emaphoyiseni siyathemba ukuthi kukhona abazoboshwa. Sinxusa nomphakathi ukuba ulethe ulwazi onalo emaphoyiseni. Siyaqinisekisa ukuthi abathola izibonelelo zikahulumeni bazoyithola imali yabo,” kusho uMpeta.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe basaphenya ngokuhlaselwa kwamahhovisi aseNanda okwenzeke izolo.
“Ngo-5 ekuseni ngoLwesithathu (izolo), onogada bebenza umsebenzi wabo ngesikhathi kufika amadoda ayisithupha abehlomile. Abakhombe ngezibhamu, abe esebavalela endlini yonogada. Bathathe amakhompyutha ayisithupha abe esebaleka endaweni yesigameko. Onogada sebehlola umonakalo bathole ukuthi kukhona umshini, amakhompyutha nezicabha okulinyaziwe. Kuvulwe icala lokubanjwa inkunzi, elokucekela phansi impahla eNanda,” kusho uCol. Mbele