Imeya yakwaDukuza nephini layo
Image: Facebook
Kubikwa ukuthi ithimba le-ANC elisebenzayo esifundazweni iKwaZulu-Natal liyalele iMeya yaKwaDukuza kanye nePhini layo ukuba basule ezikhundleni zabo.
Nebala kuthiwa lishone elangoLwesithathu uMnuz Ali Ngidi nephini lakhe uMnuz Sicelinjabulo Cele basule ngokusemthethweni kulandela ingcindezi ye-African National Congress (ANC) esifundazweni.
Ukwesula kwabo kuza ngemuva kophenyo oluholwa yi-ANC mayelana nezinsolo zokungaziphathi kahle okuhlanganisa noxhaxha lwamahlazo ezimali. Lokhu bekubandakanya ukuqashwa kwezimoto ezingaphezu kwesigidi esisodwa kanye nesikweletu somuntu siqu sanyanga zonke esilinganiselwa ku-R173,000 semeya.
Njengengxenye yomyalelo we-ANC, zombili lezi zikhulu ziyalelwe ukuthi zikhokhe ingxenye yezindleko zokuqasha izimoto.
Lokhu kuhlanganisa zonke izindleko ezenzeke ngaphambi kokuba umkhandlu ugunyaze ngokusemthethweni ukuqashwa kwezimoto. Imeya kuyodingeka futhi ukuthi ibuyisele izindleko ezihlobene nokusetshenziswa kwemoto eyisipele ngaleso sikhathi.
Isitatimende seMK Party ngodaba lwaKwaDukuza
Image: MK