Richard Zwakushiwo Dlamini
Image: SAPS
AMAPHOYISA KwaZulu-Natal athungatha owesilisa osolwa ngecala lokuzama ukubulala usomatekisi ongusihlalo kasoseshini eMsinga.
Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba ulekelele kutholakale uRichard Zwakushiwo Dlamini, odume ngelikaMasiliva. UDlamini kuthiwa wabaleka ngoJanuwari 2018 ngemuva kokubhuntsha kwemizamo yokubulala usihlalo waseMsinga.
Ngosuku lwesehlo mhla ka 2 Januwari 2018, kuthiwa umgilwa wayephuma emhlanganweni wamatekiki esahleli evinini yakhe ngesikhathi evinjezelwa uDlamini nenkabi ayehamba nayo ngentululwane yezinhlamvu besebenzisa izibhamu ezinkulu.
"Umgilwa wasinda kulokhu kuhlaselwa. Inkabi okuthiwa yayihamba noDlamini yadutshulwa yabulawa kwenye yamarenki adumile eGoli. UDlamini, okuthiwa naye unamatekisi asebenzela eMsinga naseGoli,akaphindanga wabonakala, kukholakala ukuthi ubhace eGoli," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Kunxuswa ongaba nolwazi ngoDlamini ukuba axhumane noWarrant Officer Mbatha on 076 525 1793.