UFUNWA uthuli ngamaphoyisa owesilisa waKwaNongoma osolwa ngokubulala unina wezingane zakhe okuthiwa akalubhadanga enkantolo ngosuku obekumele avele ngalo.
UMnuz Siyabonga Sizwe Buthelezi (31) osolwa ngokubulala uNksz Nompumelelo Mthembu (28) waKwaKhangela, ongunina wezingane zakhe ngokumthela ngophethiloli, wamshisa.
UNksz Mthembu nomsolwa kukholakala ukuthi babexatshaniswe ukuthi wayengafuni ukwaliwa.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umsolwa uboshelwe icala lokudlwengula umufi, ubengaphandle ngebheyili kodwa wehlulekile ukuya enkantolo ngoLwesine. “Ngokolwazi esinalo umsolwa akakaze ayazise inkantolo ukuthi kungani engalubhadanga enkantolo, ngenxa yalokhu sekukhishwe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe."
Umsolwa nomufi banezingane ezintathu eneminyaka emihlanu, enemine nenezinyanga ezine.
Khonamanjalo uphiko lwabesifazane lwe-IFP luzovakashela kule ndawo luyofundisa abantu besifazane ngamalungelo abo.
Usihlalo walolu phiko uNkk Thembeni Mdlopha-Mthethwa, uthe bazovakashela umndeni kamufi baphinde benze umkhankaso wokuqwashisa abesifazane ngokuhlukunyezwa kwabo. “Akumele silinde kuze kube yisikhathi somkhankaso wezinsuku ezingu-16 wokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Kumele sisukume siyokhuza uma sibona kunesigameko esibi okumele sinqandwe. Kumele sithi sikhuthaza ukuthi uMnyango wezoBulungiswa ukuthi ukhiphe izigwebo ezinzima kubantu abahlukumeza abantu besifazane, siphinde siye emphakathini siyowufundisa ngezinsiza ezikhona ezingasiza ukwehlisa lezi sihlava,” kusho yena.
Uthe basamile ekutheni uMnyango wezoBulungiswa kumele ungabadabukeli nakancane abasuke betholakale benamacala okuhlukumeza abesifazane.
NgoMashi umufi kuthiwa wavulela umsolwa icala lokumfaka isagila esithweni sakhe sangasese nelokumshaya. Umsolwa waboshelwa ukumdlwengula wakhishwa ngebheyili. Ngesikhathi engaphandle ngalelo cala kusolwa ukuthi uthele umufi ngophethiloli wamshisa.
UCaptain Gwala uthe kucelwa noma ngubani ombonayo umsolwa ukuthi athinte amaphoyisa aseduze.