SEKUQUBUKE indida ngodokotela waseDannhauser odukile eya emsebenzini, imoto yakhe itholwe yodwa emgwaqweni e-Utrecht.
UDkt Lindani Tebello Sithole (27), obesebenza emtholampilo waseDannhauser
eyi-Dietician, uduke
ngo-Okthoba 30 nonyaka.
Wagcinwa ngumndeni wakhe eya emsebenzini. Kuthiwa akafikanga emsebenzini.
Umndeni usukhathazekile wabika udaba emaphoyiseni.
Imoto yakhe yatholwa ishiywe emgwaqweni e-Utrecht, yena akaziwa ukuthi washonaphi.
Umthombo weSolezwe osondelene nalolu daba ongathandanga ukudalulwa, uthe kuyindida ukulahleka kwalo dokotela.
“Okwenza kube yindida ngokulahleka kwakhe wukuthi imoto yakhe itholakele kodwa yena lutho, akuveli ukuthi kukhona okulahlekile kuyo. Akatholakali ocingweni lwakhe. Akwaziwa ukuthi washonaphi, akekho nothi wambona,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aseNewcastle avule icala lokulahleka komuntu.
“Amaphoyisa aseNewcastle acela umphakathi uwasize ukuthola uDkt Sithole olahlekile eDannhauser. Ugcinwe ukubonakala ngo-Okthoba 30 eya emsebenzini. Imoto yakhe ayeyishayela yatholwa ishiywe yodwa e-Utrecht. Sicela noma ngubani ongaba nolwazi ngokulahleka kwakhe angathintana noColonel Kubheka kwethi: 082 373 8693 noma beshayele inombolo yamahhala elwa nobugebengu,” kusho uColonel Mbele.
Isolezwe izolo lithinte umndeni wakhe, ucingo belukhala lungabanjwa.