Amaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi asezithendeni zalo mholi esiligodlile igama lakhe, osolwa ngokuqola izinkampani eMgungundlovu naseThekwini ngokuthi athi ungqongqoshe ungubaba wakhe omncane.
Kuthiwa ubefike athathe izimpahla ezinkampanini athembise ukubuye akhokhe kodwa angaphinde abonakale.
Amaphoyisa aseMgungundlovu axwayise abanikazi bezinkampani ukuthi baqaphele uma bembona, anxusa abaqolwe nguye ukuthi baziveze.
Okhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu, uSeargent Mthokozisi Ngobese, ukuqinisekisile ukuthi bayamfuna lo mholi we-ANCYL kwenye yamawadi aseMsunduzi.
“Uphenyo lusaqhubeka. Zintathu izinkampani ezigiliwe, inani lezimpahla ngeke silidalule,” kusho uNgobese.
Imithombo ithe sekunesikhathi eside engabonakali kubo eWillowfountein noma ezindaweni ezisondelene nedolobha laseMgungundlovu.
Lo wesilisa ubezihlanganisa kakhulu namalungu e-ANC esifundeni iMoses Mabhida eqhuba ngempumelelo umkhankasho wokuba kuhlakazwe ubuholi balesi sifunda ngonyaka odlule.
Omunye umthombo uthe ubengapheli ehholo ledolobha eMgungundlovu kepha mumva nje akasabonakali.
“Besijwayele ukuhlala naye esangweni (lehholo ledolobha) kodwa manje angisamboni. Bekubukeka izinto zakhe sezihamba kahle njengoba ebesehamba ngonyanyavu lwemoto futhi esenabaqaphi,” kusho lomthombo.
Omunye umthombo ohlala eWillowfountein uthe lo msolwa akasabonakali endaweni.
“Kusobala ukuthi usebalekile,” kusho lo mthombo.
Okhulumela ungqongqoshe, uDkt Lwazi Manzi, uthe uMkhize akahlobene nomsolwa.
Okhulumela i-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Mandla Shange, uthe bebengakezwa ngalezi zinsolo.
“Kuzofanele umthetho wenze umsebenzi wawo. Asikhathalele ukuthi umuntu unasiphi isikhundla, uma ebekwa izinsolo kuzofanele abhekane nengalo yomthetho. Asiwavikeli amasela,” kusho uShange.
Imizamo yokuthola umsolwa ayiphumelelanga.